ENYE yezintokazi ezidlana imilala emqhudelwaneni wabasakazi besifazane abasafufusa kuKhozi FM, uSiphiwe Sibiya, igabe ngekhono, ulwazi namava.
USiphiwe Sibiya (34) waKwaMachibisa, eMgungundlovu, uqhathwe koweWinnie Mahlangu Next Female Radio Presenter Search noDwinky Makhoba wasoLundi, noNompumelelo Mabuyakhulu waseMtubatuba. USiphiwe uthe wafunda eSigodini Primary ngaphambi kokuphothula u-matric e-Edendale ComTech High.
Yize efundele i-Electrical Engineering eNyuvesi iVaal Technology, eVereeniging kodwa ngenxa yobizo lokusakaza, uSiphiwe ugcine eseyofundela ukusakaza.
"Ngabuya ngazofunda eCreative Art College, ngizokwenza izifundo zeJournalism and Media Studies neRadio Production."
USiphiwe uqale ukusebenza emsakazweni ngo-2013, esebenzela umsakazo womphakathi i104KZN Capital FM ngaphansi kweso elibukhali lengqalabutho uJerry Jones.
"Ngaqala ngaba uphrojusa ohlelweni lwezingane iKiddies' Corner. Ngasuka lapho ngenza izinhlelo zokuba nguphrojusa wezemidlalo. Kwaba khona isikhathi engethula khona izinhlelo zemidlalo uma umethuli engekho emsebenzini. Ubaba uJerry wangicela ukuthi ngingene emoyeni, nangempela kwaba njalo, walithanda kakhulu iphimbo lami."
Ngokuhamba kwesikhathi uSiphiwe wagcina esenza uhlelo lwasemini yasekuseni ngo-9 ekuseni.
Ukusebenza ngokuzikhandla nangokuzinikela uSiphiwe waqokwa njengemenenja yezinhlelo kulo msakazo. Ngenxa yokuthi wayegabe ngesipiliyoni kuphela, yingakho abuyela esikoleni wayofundela ugesi kanye nokusakaza.
Eseziphothulile izifundo zakhe wabe eseqashwa wuMgungundlovovu 107 FM, okuwumsakazo owasungulwa nguMuzi Sibiya ongasekho.
USiphiwe waqala ngokwenza uhlelo lwaphakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku kodwa manje wethula olwangeSonto ngo-3 ntambama iThe Blast From The Past.
Uthe kulolu hlelo unengosi ehlale inezihambeli ezihlukahlukene iThe Hot Seat with Siphiwe Sibiya. Ubuye waqokwa kumaSA Radio Awards emkhakheni wophrojusa nowomsakazi ovelele.
Ngaphandle kokusakaza, uSiphiwe ubuye abe yinxusa lenkampani yamaqakelo, i-Always. Uthi bahlale behambela izikole ngenhloso yokunikelela abafundi besifazane ngama-pad.
Esephetha unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bamvotele ukuze agcine efeze iphupho lakhe leminyaka lokusebenzela isikhondlakhondla somsakazo.
Ukuvotela uSiphiwe uthumela iSMS ebhalwe uhlamvu A, ukuvotela uDwinky uthumela ebhalwe uhlamvu B, bese uthumela uhlamvu C uma uvotela uNompumelelo ku-33665.