Babuyelile emsebenzini abasakazi boKhozi FM neMetro FM abebemisiwe emsebenzini ngesonto eledlule ngenxa yokuthamela nokusebenza emicimbini yamaqembu ezepolitiki.
Abasakazi abebemisiwe nguTshatha Ngobe, owethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto kuKhozi FM, nozakwabo uZimiphi “Zimdollar” Biyela owenza iDankie 1223 emini phakathi nesonto.
NgoMsombuluko ubebambe uhlelo lwakhe noKing Sfiso njengenjwayelo.
UTshatha yena ubuyile noSelby Mkhize naye obengekho njengoba uhlelo lwabo belubanjwe nguZama Mseleku.
Laba kuvela ukuthi bamiselwe ukusebenza emaralini amaqembu ezepolitiki lapho abebeqashwe khona njengabaphathi bohlelo uma sebefaka abaculi abanandisayo esiteji.
KwiMetro FM bekumiswe uLuthando “Loot Love” Shosha obengekho ohlelweni alwethula ngokubambisana noTbo Touch ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
ULoot Love wathamela irali ye-ANC, iSiyanqoba, eFNB Stadium ngeledlule.
NgoMsombuluko ubuyile.
Ngokuthola kweSolezwe, iSABC inomgomo wokuthi abasakazi bayo bangazihlanganisi namarali amaqembu ezepolitiki abeqhubeka njengoba ebekhankasela ukhetho lukazwelonke.
Abanye abasakazi abese beqalile ukubonakala emaralini kuthiwa bakhunjuzwe ngawo base beyahoxa.
ULoot Love ubonakala nakwi-video i-ANC ebikhankasa ngayo enkundleni yezokuxhumana i-X. Kuyona uyazethula bese eyasho ukuthi ukwiSiyanqoba. Uthi kubalulekile ukuvota futhi abantu kumele benze okufanele.
Abantu bamgxekile futhi leso sikhangiso sesikhombisa ukuthi sesikhishiwe ekhasini le-ANC.
Abezokuxhumana eSABC bayiziba imibuzo abathunyelelwa yona yileli phephandaba.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ucashunwe kwi-IOL, enguzakwabo weSolezwe, ekuqinisekisa ukuthi uLoot ubengahleliwe ukuba semoyeni ngeledlule.
“I-SABC ayikwazi ukudalula imininingwane ngale kokuthi ukusingatha amarali amaqembu ezepolitiki noma ukuzimatanisa neqembu lezepolitiki emphakathini kuphambene nomgomo weSABC okungusomqulu ovuleleke emphakathini,” kusho uMmoni.
Leli phephandaba lalibike ukuthi uLamiez Holworthy, ongena ngoMgqibelo, naye wayemisiwe kwazise wayengomunye wabasohlwini lwabebezonandisa kwiSiyanqoba Rally.
UMmoni ukuchithile lokhu.