I-MK Party ifuna incazelo ngokuziphatha kwabasakazi bohlelo lwasekuseni i-Vuka Afrika Breakfast Show kuKhozi FM, uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi noSipho “Sgqemeza” Mbatha emuva kokuba omunye ababemfake engosini i-Siphenya Ibheshu, ekhalaze ngokuthi usevele ngekhanda ezikweletini futhi usenokhwantalala njengoba esexoshwe emsebenzini.
Umholi we-MK ophikweni lwezabasebenzi, uMnuz Mlungisi Zondi, uthe bathole isikhalazo kuNkk Mchazile Shandu ukuthi abasakazi boKhozi bamfaka ohlelweni maqede bamlaxaza njengoba engasabatholi ezingcingweni nommeli ababemxhumanise naye.
UZondi uthe usebhalele abaphathi boKhozi ukuze baphenye ngesenzo soMroza noSgqemeza. Okhulumela inhlangano yezokusakaza kuleli i-SABC, uMmoni Seapolelo, izolo, ukuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi kaZondi futhi bayiphendule ngendlela.
“I-SABC ayikwazi ukuxhumana noZondi ngemithombo yezindaba futhi akukho esesizokuphawula,” kuphetha uSeapolelo.
UNkk Shandu washayelwa ngabasakazi boKhozi ngo-Agasti 29, nyakenye, befuna achaze ngokuhlukunyezwa emsebenzini.
Uthe wabika ukuthi umqashi wakhe ubemgadisa izinja, abuye alale nazo ubusuku nemini okwezingane. Uthe emuva kokukhuluma oKhozini, umqashi wakhe wangena nezicabha endlini yakhe, maqede wamxosha emsebenzini ngoba etshelwe ngabathile ukuthi ubekhuluma ngaye kulo msakazo.
UNkk Shandu uthe wabuyela kuphrojusa woKhozi, emazisa ukuthi usexoshiwe emsebenzini, bamthembisa ukuthi bazomfunela omunye umsebenzi nommeli, ngakho akayovula icala e-CCMA.
Uthe wavukela khona kodwa akakutholanga ukusizakala emuva kokukhokhela ummeli imali ecishe ifinyelele ku-R10 000.
“Ngaqala ngamkhokhela u-R450 wokuvula icala, ngaphinda ngamkhokhela u-R5 000, ngalandelisa ngo-R2 500 no-R800. Njengamanje angisamtholi ocingweni ummeli,” kusho uNkk Shandu.
UZondi uthe bafuna laba basakazi bachaze ngokugxambukela kwabo kulolu daba. Isolezwe linayo incwadi ebhalelwe abaphathi boKhozi. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakalanga ummeli kaNkk Shandu ukuba aziphendulele.
Khonamanjalo: Sekuqubuke izikhalazo ngale ngosi ethi Siphenya Ibheshu njengoba muva nje, kunabalaleli abakhale kakhulu ngokuqoshama kwamagama abeshiwo owesifazane othi wadlwengulwa wumuntu owayemthembise umsebenzi.
Ekhasini lika-Facebook lalo msakazo, abantu basine bededelana bekhalaza ngendlela okusingathwe ngalo udaba.
Nakwesinye isiqephu esasakazwa ngenyanga eyedlule, kwakhalwa ngokuncishwa ithuba kwamakhosikazi kasomabhizinisi, uMnuz Nhlanhla Mabhodisa. Kuthiwa wayekhuluma aze akhale mi izinyembezi ethi amakhosikazi awise amabhizinisi akhe. Wayekhala ngenye ukuthi imhlasele nomndeni wayo waze wagcina ebathintitha, wagcina ngokuboshwa wadedelwa ngebheyili.