SI-JAIVA okokugcina ku-2022 kule mpelasonto njengoba kuyosa ngeSonto sesisonyakeni omusha. Nazi izindawo eziwa kuzo:
Namhlanje:
-Liyabhubha eKoneni Lifestyle, eMsinga, kwi-after party yeMshishi Annual Sports Art & Culture Festival. Kuboshelwe uDJ Happy Gal, Qhoshangokwenzakwakhe, Dumi Mkokstad, Masinga, DJ Khayzeen, Usingil, Ntencane, Inkosi Yamagcokama, DJ Snazo, Mngadi, Jumbo nabanye. Uhlelo luzophathwa nguMC Tshatha, Azania_NF noMC Shazi. Kungenwa ngoR120.
-Ziyabuya kwiThe Bay All White Party eZCBF, eRichards Bay. Kuzonandisa uZandie Khumalo, Thandi Mavata, Culoe de Song, Cndo, Merlon, Bongz, Makokorosh, Fistoz, Franoz, Mayaya, Ankel, Hallo M nabanye. Uhlelo luphethwe nguSiya Nzima noJabulani Shandu. Amathikithi aseTicketpro, Spar, Sasol naseCambridge.
-Ungaphuthelwa yiTyraqeed Family Fun Day eMaqaqa Exclusive Lifestyle, e-Adams. Kudlala uDJ Cndo, Beast, DJ Flair, Nkoh, Menace, Cee Bee, Stayela, Mshekesheke, Simphiwe Majozi nabanye. Kungenwa ngoR50 esangweni.
-I-6th annual Party Before The Eve izobe iseMashamplanez Lounge, eChesterville. Inamba izoshayw wuDJ Lag, General C’mamane, Madanon, Khamza, Costa Dollar, Mhlengi, Mlisa, Reggie, Smangarero nabanye. Kungenwa ngoR50 esangweni.
Kusasa:
-“Hello ladies nans’iMakoya Bearings”. Uzobe esho kanje uDJ Tira kwiGumba Fest eMhlathuze Sports Complex kwiGumba Fest. Kudlala yena, uMkhadzi, Khuzani, Igcokama Elisha, K.O, Amaroto, Shimza, Jumbo, Dlala Thukzin, Michelle Jooste nabanye abaningi. Uhlelo luphethwe nguTshatha Ngobe, Khaya Dladla, Sizwe Mdlalose noSlot The MC. Amathikithi aqala kuR200 eWebtickets.
-Kuyafiwa kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu. Amathikithi aqala kuR150 eTicketpro. Kuboshelwe uShimza, Makhadzi, Khuzani, Kwesta, Nasty C, Big Zulu, Blxckie, Nomfundo Moh, Kelly Khumalo, T Munny, Stibobo, Cheeze nabanye.
-Ziyawa eNkanini Sports Centre kwiShutdawn Music Festival. Kunandisa uProfessor, Happy gal, Dladla Mshunqisi, Sbo Da Poet, Qhosha, AmaYellow Bone, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela nabanye. Kuqala ngo-12 kanti amathikithi abiza uR100 kuya phezulu eWebtickets, Pick n Pay baseBoxer.
-Liyabhubha kwiFact Durban Rocks ezoba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kuboshelwe uDladla Mshunqisi, Blxckie, Makhadzi, Q-Twins, Jumbo, Bello noGallo, Culoe De Song, Slenda Da Dancing DJ nabanye abaningi. Amathikithi aqala kuR350 eTicketpro.
-Ngena ngendumiso onyakeni omusha kwiSuper Praise eCentrum Park, ngaseWorkshop, kusuka ngo-6 ntambama. Kuzocula u-Andile KaMajola, Ncandweni Christ Ambassadors, Lusanda Mcinga, Babo Ngcobo, Betusile, Canaan Nyathi, Takie Ndou, Jumbo, Londiwe Nxumalo, Nozie, nabanye abaningi. Amathikithi aqala kuR200 eWebtickets.
-Ziyenzeka kwiLadysmith NYE eSettlers Park Stadium kusuka ngo-1 emini. Kudlala uBobsta, Big Zulu, Merlon, Mondli Ngcobo, Nhlaks, Wayen, Zinyo, Bearno, Matau, Collen Zondo nabanye. Amathikithi aqala kuR150 eTickepro.
-Ziyawa kwiBhelemys NYE Celebration, eBhelemys, eMontclair, eThekwini. Kuzobe kukhona uLinda Sibiya, Kweyama Brothers, DJ Bongz, Funky Qla, Masiya nabanye.
NgeSonto:
-Uma ufuna woz’eDurban. Ziyabuya kwiWoz’eDurban Picnic eGreyville Racecourse. Kuboshelwe izingwazi u-Oskido, Trompies, Mdu, Thebe, Mafikizolo, Mondli Ngcobo, Naima Kay, Professor, Tzozo, Tira, Siyanda, Muntu Master Blaster noCndo. Amathikithi aqala kuR300 eTicketpro.