UMHLELI womcimbi i-Drakensberg Music Experience ezoba kusasa eWoodstock Dam Picnic Site, eBergville, uSipho Ndaba, uthi bangazami nokusondela abazobe bengawaphethe amathikithi.
Uthe ezokuphepha bazobe beziqinise kuzona zonke izindawo ezisondelene nalo mcimbi njengoba kulindeleke ukuthi uhanjelwe yizinkumbi zabantu.
Ekhuluma neSolezwe elingabanye babaxhasi balo mcimbi, uSipho uthe amathikithi asekhona, abantu abaphuthume bayowathenga.
Uveze ukuthi ujabule ngezinga yonke imicimbi - eholela kulona omkhulu - elibe ngayo.
“Sibheke emcimbini wokugcina manje ukuze sijabulise akade benathi siqala kuze kube sekugcineni. Silindele izihambeli ezisuka eGoli, Thekwini, Vryheid, Nquthu, Newcastle, Mnabhithi, nakwezinye izindawo ezizoba yingxenye yomcimbi omkhulu.
“Sicela ukuthi abangakawathengi amathikithi benze kanjalo. Asithandi abantu abazofika bezohlupha bephethe amathikithi omkokotelo noma okungewona. Sicela abantu baziphathe kahle njengoba kuningi esibaphathele khona,” kunxusa uSipho.
Uthe okunye afuna ukukugcizelela ukuthi umcimbi uzoqala ngesikhathi ngenxa yokuthi kuningi okuzokwenzeka.
“UKhuzani nje uzosheshe acule ngo-8 ebusuku ngenxa yokuthi kukhona eminye imicimbi anayo. Kanjalo ne-Blaq Diamond nayo izobe isimlandela ngoba iphuthuma. Ngakho abantu bangalindi ukuthi baze bafike sekuhambe isikhathi ngoba becabanga ukuthi umculi abamthandayo uzocula ebusuku kakhulu,” kuchaza yena.
Muva nje, kubaculi ababamemezele abazonandisa kubalwa uZee Nxumalo, Mqobi Yazo, Jumbo, Blaq Major nabanye.
Kule mpelasonto kulindeleke ukuthi ithi chithi saka imicimbi:
Kusasa imicimbi izoma kanje:
1. Ulundi All White Picnic - Session 6 The Return. Kulo mcimbi ozobanjelwa eMandleni Campus, kuzonandisa uMorda, Zee Nxumalo, DJ Cndo, Umzukulu, Tango Sumpreme nabanye.
2. Kuzobe kukhethwa uzime wezizwe ezahlukene zakuleli ku-Indoni Miss and Mr Cultural SA, ozobanjelwa eRichmond, e-Indoni Eco Village.
NgeSonto imicimbi izoma kanje:
1. Oyedwa wabazohambela umcimbi i-Ink Kasi Xperience uzokhala emuke nemoto ePrincess Magogo Stadium KwaMashu. Kulindeleke ukuthi kunandise uSjava, Young Stunna, Mawhoo, Lwa Ndlunkulu, kanti uhlelo luyobe luphethwe uDJ Sabby, Somizi, Mashudula, Lerato Kganyago nabanye.
2. ICamou Flage Party izobanjelwa e-705 Shisanyama & Bar eNew Germany, kusuka ngo-6 ntambama. Lo mcimbi uzobe wenziwe uMzeyks.
3. Sifaka i-Festive eKasi Braai Edition ezoba se-3838 Shisanyama oLundi. Kuzonandisa uPVEE & Philasonke, Lang Man, Fortunated DJ, DJ Nzuzo, DJ Mzwa nabanye.