OMUNYE wabadlali abebeqavile eNingizimu Afrika engakawagaxi emgibeni, uTeko Modise, ukhombe abadlali beKaizer Chiefs ngokungakhombisi izimpawu zokuba namahloni ekubeni beyingxenye yaleli qembu ngesikhathi liyinhlekisa ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yendlala yezinkomishi.
Indaba yokuthi iminyaka isicela kwengu-10 iChiefs ingafake lutho ekhabetheni lezinkomishi iseyinsumansumane kubalandeli bakanobhutshuzwayo abaningi.
Okwenza lokhu kube indida ukuthi kusukela ngo-2015 kuya emuva, iChiefs ibingelinye lamaqembu abehamba wodwa ebholeni laseNingizimu Afrika ngokuqoqa izinkomishi ubuthaphuthaphu amasizini elandelana.
UModise okhulume naleli phephandaba ngeledlule ngesikhathi eyisimenywa kwiKhabba Cup, uvumile ukuthi iPremier Soccer League (PSL) idinga iChiefs esezingeni elifanayo neleMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ukuze iqhubeke nokuthathwa njengenye yamaligi athathwa njengaphezulu e-Afrika.
“Ngiyavuma ukuthi iChiefs idinga konke okungayisiza ukuthi ibuyele ezikhathini zenjabulo kodwa nginenkinga ngabadlali abasemabhukwini ayo njengoba lo mlando omubi ulokhu uqhubeka ubhaleka bekhona,” kusho uModise.
“Kuhle ukuthi leli qembu limataniswa nabanye babaqeqeshi abathathwa njengabaphambili e-Afrika kodwa lokhu ngeke kushintshe lutho uma abadlali bengashintshi kuqala.
“Ngiyazi ukuthi ziningi izinto ezixhumene nokungenzi kahle kweqembu kodwa uma abadlali bebhukule futhi bezimisele ukulwela izithunzi zabo kuyabonakala,” kuqhuba uModise owagqama kwiPirates, Sundowns nakwiBafana Bafana.
Ngaphandle kukaPitso “Jingles” Mosimane, iChiefs imataniswa, noNasreddine Nabi, waseTunisia osekunesikhathi abalandeli bayo bethandazela ukuba imqashe.
UModise oqale wanqikaza ukuphawula ngeChiefs ayichaze njengeqembu angaxhumene nalo kangako ngokomoya, uphinde wakugcizelela ukuthi akukhathalekile ukuthi Amakhosi aqasha muphi umqeqeshi kodwa umunwe uwukhomba kubadlali abasemabhukwini ayo.
“Ngiyafisa ukwazi ukuthi bayaqonda yini ukuthi emlandweni kuyohlala kumile ukuthi obani abadlali ababesemabhukwini eChiefs ngesikhathi ibhuqwa indlala yezinkomishi iminyaka ecela kweyishumi?
“Ngikholelwa ekutheni uma uwumdlali kufanele uzinuke amakhwapha wena kuqala ngoba uwena ongena enkundleni hhayi umqeqeshi noma abalandeli.
“Ngokwami kuba lula kakhulu uma kufanele nizihlanganele nina njengabadlali nibhule umlilo nihlenge nezithunzi zenu kodwa lokhu angikuboni kubadlali beChiefs.
“Nginenkinga ngokungazenyezi kwabo ngokuqhubeka nokuba inhlekisa kweqembu ekubeni kuyohlala kusemlandweni ukuthi konke okubi kwenzeka ngaphansi kwamagama abo,” kuphetha uModise.