UFUNA iqembu lakhe lingene enkundleni nomqondo wokuthi liyolwela amaphuzu aphelele uma selibhekene neBurkina Faso emdlalweni wokugcina kaGroup B, umqeqeshi weqembu lakuleli lesizwe labafana lika-Under-17, uVela Khumalo.
Amajimbos azodudulana neStallions eLarbi Zaouli Stadium, edolobheni iCasablanca, ngo-6 ntambama.
Awuvule ngegiya eliphezulu lo mqhudelwano obanjelwe eMorocco eguqisa i-Egypt ngo 4-3 ngoMgqibelo, abuya nephuzu kowesibili ebambana ngo 0-0 neCameroon ngoLwesine.
Kuleli qoqo kuqhwakele iBurkina Faso ngamaphuzu ayisithupha kulandela ukunqoba kwayo iCameroon ngo 2-1, ne- Egypt ngendlela efanayo.
Amajimbos asendaweni yesibili ngamaphuzu amane, alandelwe yiCameroon ngelilodwa bese i-Egypt iba semsileni ngeqanda.
Lokhu kuchaza ukuthi iqembu lakuleli lidinga iphuzu kuphela ukuqinisekisa ukuthi liqeda endaweni yesibili kuleli qoqo, libe ngelinye lamaqembu ayisishiyagalombili azodlulela kuma-quarterfinal.
Lokhu kungaphinde kulibekisele indawo eNdebeni yoMhlaba ezobanjelwa eQatar, ngoNovemba.
“Besingahlosile ukuthola iphuzu emdlalweni wethu neCameroon, besifuna ukuwathatha womathathu kodwa silamukelile iphuzu ngoba sisaphephile. Kungcono sisheshe siwukhohlwe lowo mdlalo ngoba asidlalanga kahle futhi nomfutho besingenawo,” usho kanje uKhumalo.
“IBurkina Faso iyiqembu elihle, iqembu elinamandla. Sizoyihlelela kahle, siqinisekise ukuthi abadlali bethu bawulungele lo mdlalo. Sizowalwela amaphuzu amathathu futhi angiboni ukuthi sizoba nenkinga.”
Uma kwenzeka aMajimbos egcina ephelele endaweni yesithathu, azolithola elinye ithuba lokulwela indawo eNdebeni yoMhlaba ngokubhekana neqembu elizoqeda endaweni yesithathu kuGroup D.