UMQEQESHI weSuperSport United kuDStv Diski Challenge, uThabo September, ubona ithuba lokuzakhela ugazi kubadlali balesi sigaba abaseqenjini leCarling All-Star elivotelwe ngabalandeli.
Leli qembu, elithakwe ngabadlali beDiski Challenge nabayisishiyagalolunye nabeDStv Premiership, lizogadulisana neStellenbosch FC emdlalweni weCarling Black Label Cup ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
Lizoqeqeshwa ngumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro. Amaphini akhe kuzoba nguSeptember, owine iligi yeDiski Challenge ngesizini ka-2022/2023, noJoseph Makhaya oqede endaweni yesibili yeDiski neZimnyama.
Kubadlali beDiski abaseqenjini leCarling All-Star abayizintandokazi zabalandeli kukhona uMfundo “Obrigado” Vilakazi weKaizer Chiefs noJabulani Mokone odlala emuva kwesokudla kwiPirates. Ukuhoxiswa kukanozinti weChiefs u-Itumeleng Khune kungenzeke kuvulele ithuba emapalini uZoey Monyepao wePirates oyindodana kaDJ Cleo. UMonyepao uzobanga ijezi noSipho Chaine odlala esikimini esikhulu seZimnyama.
“Leli yithuba eliyingqayizivele kubadlali beDiski. Lo lomdlalo uzobasiza kakhulu ukukhombisa abaqeqeshi besikimu esikhulu emaqenjini abo ukuthi sebekulungele ukugijima kwiDStv Premiership. Makhulu amathuba okuthi emuva kwalo mdlalo, balithole ithuba esikimini esikhulu. Ngisho abaqeqeshi bebesangabaza ukubanyusa kodwa bazoshintsha umqondo uma laba badlali belisebenzise kahle ithuba. Abadlali bePirates basethubeni elihle kakhulu ngoba bazoqeqeshwa nguJose ozobona konke ahlale efuna ukukubona kubona,” kusho uSeptember.
Ngaphandle kwabadlali beDiski, abalandeli bavotele izintandokazi zabo okukhona kuzona uKermit Erasmus wePirates, Ashley Du Preez weChiefs osabuya ekulimaleni noThembinkosi Lorch weZimnyama.
“Abadlali abadala kufanele badlalele ukujabulisa abalandeli ababavotele. Kufanele babanike lokhu abakulindele kubona. Ukubavotela kwabo kusho ukuthi bafuna ukubabona enkundleni. Abadlali abaningi abavotelwe ngabeChiefs nabePirates okungamaqembu anabalandeli abaningi eMzansi. Lokho kusho ukuthi bazophuma ngobuningi bezobabuka,” kusho uSeptember.
IStellies ishayela phezulu kulandela ukuwina indebe yeCarling Knockout emuva kokwehlula iTS Galaxy kowamanqamu emasontweni adlule eThekwini. Akubuzwa ukuthi umqeqeshi uSteve Barker uzofuna abafana bakhe baqhubeke nemibhiyozo ngaphambi kokuthi bayophumula.