UTHEMBISA ukuqhubeka nokunqobela elakuleli izindondo emiqhudelwaneni emikhulu umsubathi osemncane, uBayanda Walaza, ophinde wagila izimanga phesheya kwezilwandle.
UWalaza (18) uthathe indondo yegolide ngoLwesithathu emjahweni ka-100m kuma-World Athletics Championships (Under 20) aseLima, ePeru.
Lo mfundi ka-matric ofunda eCurro Hazeldean, ePitoli, uqede umjaho ngo-10.19.
Indondo yesiliva itholwe nguPuripol Boonson waseThailand ngo-10.22, endaweni yesithathu kungene omunye umsubathi wakuleli, uBradley Nkoana, ngo-10.26.
UWalaza noNkoana babeyingxenye yeqembu lakuleli le-4X100m relay yabesilisa elathola indondo yesiliva kuma-Olympic abeseParis emasontweni adlule.
“Ngizizwa ngijabule ngendlela engigijime ngayo ngoba yilokhu ebengikulindele. Yilokhu ebengikubhekile futhi engikusebenzele. Wusuku olukhulu lolu,” uphawule kanje uWalaza ekhasini iTrackAlerts kwiFacebook.
“Ukubalwa namaqembu amathathu ahamba phambili kuma-Olympic kwakusho lukhulu kimina. Ukuma esicongweni nabasubathi abanamava ngibe ngisemusha ngenye yezinto ezangikhuthaza kakhulu. Umuzwa wokuma phezulu wangenza ngacabanga ukuthi kufanele ngihlale ngilwela ukubalwa nabathole izindondo.
“Kungisizile kulo mqhudelwano ngoba ngizitshele ukuthi iningi labanye abagijimi abasebancane belingekho kuma-Olympic, okusho ukuthi nginolwazi oluningi kunabo. Lokho kukhulise ukuzethemba kimina futhi ngazitshela ukuthi nginganqoba.”
UWalaza uthe ukwenza kahle kwakhe noNkoana kuma-Olympic nakumaWorld Athletics Championships kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika inabo abasubathi abazolandela ezinyathelweni zika-Akani Simbine obesejwayele ukumela elakuleli emiqhudelwaneni emikhulu.
“Lesi yisikhathi esikhethekile kubantu baseNingizimu Afrika. Besekunesikhathi eside singababoni abantu abaningi baseNingizimu Afrika benza kahle emiqhudelwaneni efana nale, bekungu-Akani kuphela. Sebeyabona manje ukuthi kunamabhungu ezayo okufanele abhekwe,” usho kanje.
INingizimu Afrika isinazo zonke izinhlobo zezindondo kuma-World Champs, uJL van Resnburg (19) uvule indlela ngokuthatha eyesiliva kwi-shotput yabesilisa ka-6kg. Le midlalo izosongwa kusasa.