ULOKHU eqhubekile nokuqopha umlando omuhle ebholeni lase-Afrika umqeqeshi waseNingizimu Afrika, uMorena Ramoreboli, osekuqinisekisiwe ukuthi uzohlaba ikhefu kwiJwaneng Galaxy FC yaseBotswana.
URamoreboli (43) unikwe yiJwaneng ikhefu lokuba abhekane kahle nezingxoxo nososeshini waseBotswana ngomsebenzi wokuba yinhloko yeqembu lesizwe ngokugcwele.
Lokhu kuqinisekiswe ileli qembu uRamoreboli aseliwinise isicoco seligi kwaze kwaba kabili kusukela ngo-2021 ngesitatimende elisikhiphe maphakathi nesonto.
“Ebhentshini leJwaneng kuzobamba uBlessing (Moyo) njengoba umqeqeshi wethu, uMorena (Ramoreboli), enikwe ngenhliziyo emhlophe ithuba lokugxila ezindabeni ezibhekene naye uqobo,” kusho isitatimende seJwaneng.
“Siyabonga kubalandeli ngokusibekezelela ngalesi sikhathi kodwa okumqoka kunakho konke ukuthi siyakholelwa emagalelweni kaMoyo ukuba aqhubeke nokusibeka eqhulwini,” kusho sona.
URamoreboli odabuka eFree State ubengekho ebhentshini leJwaneng emdlalweni wayo weligi ebambane kuwona ne-Orapa United ngo 1-1 ngoLwesithathu.
Lo mphumela ushiya leli qembu endaweni yesine kwi-log yesigaba esikhulu sebhola laseBotswana lapho lisele khona ngamaphuzu amane kwiTAFIC eqhwakele.
Kusukela ngo-Okthoba uRamoreboli ubesebenza njengebamba eqenjini lesizwe laseBotswana kulandela ukushiya isigubhukane, kukaDidier Gomes da Rosa, waseFrance. Ngesikhathi ebambile lo mqeqeshi owaphoxa i-Orlando Pirates ngeMaluti FET College kwiNedbank Cup ngo-2013, ufake leli qembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 ezokuba seMorocco. Uyena futhi lo mqeqeshi okhiphe iPirates kusahlungelwa eyamaqoqo kwiChampions League ngesizini edlule.
Kuzobe kungokwesibili iBotswana iya kwi-Afcon kodwa uRamoreboli uzoba umqeqeshi wokuqala odabuka eMzansi ukuya kulo mqhudelwano neqembu lesizwe njengenhloko.
URodger De Sa useke waqeqesha kwi-Afcon kodwa wayesebenza njengephini likaCarlos Queiroz kwelesizwe lase-Egypt.
URamoreboli uhamba ezinyathelweni zika-Ephraim “Shakes” Mashaba noThabo Senong abake baqeqesha amaqembu esizwe ase-Eswatini naseLesotho ngokwahlukana yize bengayanga nawo kwi-Afcon.
Lo mqeqeshi owadla isicoco seCosafa neBafana Bafana ngo-2021, ubambe i-Egypt eCairo neMauritania ekhaya kwemibili yemiphumela ebimqoka ngokungena kweBotswana endizeni ebheke eMorocco ngoDisemba wonyaka ozayo.