U-ERNST Middendorp, oqeqesha iCape Town Spurs esigawulwe yizembe kwiDStv Premiership, angakwemukela ukwehlela ehlathini naleli qembu.
ISpurs sekuqinisekisiwe ukuthi izogijima kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo nakuba ingakasongwa isizini yePremiership ka-2023/2024.
Ngokwamaphuzu, akukho esengakwenza ukuzisindisa. Isemsileni ngamaphuzu angu-20 emuva kwemidlalo engu-29. Ngempelasonto edlule iSpurs ibuye nephuzu ngesikhathi ibambana neLamontville Golden Arrows eHammarsdale. Njengoba iSpurs isiqala ukulungiselela impilo entsha kwiChampionship, kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo ngekusasa likaMiddendorp nabadlali.
UMiddendorp uzwakale engenayo inkinga ngokwehlela ezansi ukuyozama ukubuyisa iSpurs esigabeni esikhulu.
“Impilo yami ayiqhakanjiswa wukuwina izindebe namaligi. Lapha ebholeni laseNingizimu Afrika sinomqondo omubi wokuthi owina izicoco, owina izindebe ungumqeqeshi omuhle. Ongaziwini, kungakhathaleki ukuthi ukuphi futhi wenzani, akayilutho, ungu-plumber nokunye,” kusho uMiddendorp.
“Buka indlela esidlale ngayo. Sidlale kahle esiwombeni sesibili, sidlale kahle esigabeni sesibili sesizini. Yilokho engifuna ukukubona. Yilokho okungijabulisayo, ukubona abadlali bedlala kahle. Ngijatshuliswa yilokho, ngeneliswa yilokho futhi angidingi muntu ozongitshela ukuthi ‘ungumqeqeshi omuhle’. Kimina kuzoba kuhle ukubona ukuthi kuzokwenzekani. Uma ngithola imvume kubaphathi ukuthi ngihlanganise izinto, ngidwebe okuzokwenzeka usuku nosuku...asilinde sibone. Empeleni angifuni ukunquma manje (ngekusasa lami). Angazi. Maningi amahlebezi.”
UMiddendorp ukhuluma kanjena nje kunezinkulumo zokuthi iSpurs izodayiswa. Ekuqaleni kwesizini leli qembu lihlulekile ukusayinisa abadlali bokuqinisa iqembu ngenxa yokuntula imali.
“Uma kukhona ofika nesheke elikhulu, kungenzeka iCape Town Spurs idayiswe. Kungani kufanele ngicabange ngekusasa? Asilinde sibone abanikazi beqembu nabaphathi. Kufanele bangitshele ukuthi kuzokwenzekani. Ngingayibeka imibono ezokwenza kuhambe kahle kimina,” kusho uMiddendorp.
ISpurs izovala isizini neKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership eCape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. UMiddendorp uthe usabheke ukuzinikela kubafana bakhe.
“Kimina noma kithina kubalulekile ukudlala kahle. Ukudlala kahle kusho ukushaya into ecokeme, ukuzinikela, ukugxilisa umqondo, wenze konke okusemandleni. Uma siphelele enkundleni sibhekene nabanye abangu-11, sinethuba lokuwina. Kodwa uma udlala neqembu elikhulu, kunzima. Asilinde sibone ukuthi kuzokwenzekani ngempelasonto eKapa. Sizozilungiselela ukuze sizodlala kahle. Yilokho engibheke ukukubona,” kusho uMiddendorp.