OWAYEYINJINI yeKaizer Chiefs kumasizini adlule, uWillard Katsande, usishayele ihlombe isinqumo saleli qembu sokuhlelela abadlali uhambo lwaseTurkey, akholwa wukuthi luzobanika ithuba elikahle lokuhluza umqondo nokuzinuka amakhwapha ngokubhacaza kwaMakhosi.
IChiefs, ese-Europe lapho imatasa khona nomsebenzi wokucijela ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership ngaphansi kweso lomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, imemezele ukuthi izobhekana neqembu laseTanzania, iYoung Africans, emdlalweni, iToyota Pre-Season Cup.
Lo mqhudelwano wosuku, iChiefs ezowudlala neqembu elidala likaNabi, uzokuba ngoJulayi 28 eToyota Stadium eFree State ngo-3 ntambama.
UKatsande, owawola inqwaba yezicoco neChiefs ngesikhathi esayidlalela kusukela ngo-2011 kuya ku-2021, ubekhuluma izolo eSandton emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano.
Kulo mcimbi kuvele nokuthi ngosuku lomdlalo umlandeli oyedwa weChiefs uzogoduka nonyanyavu lweToyota Cross olubiza u-R400 000.
UKatsande, owayengaconsi phansi kubalandeli beChiefs, uzoba seqenjini lezinkakha zaMakhosi okukhona kulona uSiphiwe Tshabalala, Josta Dladla noMorgan Gould ezizozwana amandla nezeBloemfontein Celtic ezizoholwa nguThabo Nthethe owaphanyeka emgibeni amakhokho esedlalela iMamelodi Sundowns.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulo mcimbi, uKatsande uzwakalise injabulo ngohambo lwaseTurkey waphinde washwelezela abadlali beChiefs ukuba bathanjiselwe ngasepenini.
“Inembe enxebeni iChiefs ngokususa abadlali eNingizimu Afrika ngoba lokhu kubanika ithuba elikahle lokuzihlola ngaphandle kokucindezelwa ngabakufunda ngokushaya kwabo udaka emaphephandabeni nsuku zonke,” kusho uKatsande.
“Kunzima ukuthi usazihambela emgwaqeni nomndeni kumbe nabangani uzwe usumenyezwa ugxekwa ngokubheda kwezinto eqenjini.
“Abaziwa muntu eTurkey ngakho-ke bazoba nesikhathi esanele sokuzinuka amakhwapha kubuye intshisekelo nogqozi lokugqoka umfaniswano waMakhosi,” kuqhuba yena.
UKatsande, odabuka eZimbabwe, akangabazi ukuthi abadlali beChiefs bazobuya sebehlukile eTurkey.
“Wonke umuntu uzolikhuphula izinga ngenhloso yokuthatha iso lomqeqeshi omusha kanti nohlobo lweyobungani abazoyidlala luzobaphoqa ukukhipha amangwevu.
“Njengoba abadlali beChiefs bese-Europe bayokwakha ubudlelwano obusha nobuqinile okuyibona futhi obuzobasondeza nezimbangi ezilokhu zilivule njalo igebe,” kuphetha uKatsande.
Esinye sezikhulu zeChiefs, uJessica Motaung, sithe:
“Sinqume ukuyisa iToyota Cup kubantu baseBloemfontein ngoba ingelinye lamakhaya eChiefs kanti nesikubone kamuva ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neZimbabwe kusikhumbuze okuningi ngale ndawo engasenalo iqembu.
“Okunye ukuthi indlala yebhola ehlasele kuleli dolobha elinabalandeli abanesandla ekuhlobiseni ibhola laseMzansi ayisihleli kahle siyiChiefs.
“Ngalo mdlalo ngeke kuhlomule abathandi bebhola kuphela kepha kuzovuleka nezikhala zokuhweba kulabo abakulowo mkhakha,” kuphetha uMotaung.