UVUMBUKE kwiLamontville Golden Arrows umqeqeshi wonozinti olaxaze iMamelodi Sundowns ngesonto eledlule.
Isolezwe lithole ukuthi uMarcus Mashilo usejoyine Abafana Bes’thende. Esikimi esikhulu onozinti bebeqeqeshwa nguMajdi Mnasria waseTunisia okhuze ibuya kuleli qembu ngo-2022. Okuqaphelekayo wukuthi uMnasria akasekho ohlwini lwabaqeqeshi be-Arrows noSteve Komphela osebuyele kwiMamelodi Sundowns.
Kuthiwa uMashilo, othathwa njengomunye wonozinti abaphezulu ekuqeqesheni onozinti abasakhula kuleli, ushiye isigubhukane kwiSundowns futhi useqalile ukusebenza kuBafana Bes’thende. UMashilo ukubaqeqeshi abaphothule iziqu zeCaf A License emasontweni adlule.
“Kuyiqiniso ukuthi uMashilo usejoyine iLamontville Golden Arrows. Ushiye iSundowns kungalindele muntu. Sinethemba lokuthi uzophumelela kuyona ngoba ungumqeqeshi wonozinti omuhle kakhulu. Okungaziwa wukuthi uzohlala yini kwi-Arrows ngoba kungenzeka ukuthi ubelandwe nguSteve Komphela njengoba esebuyele kwiSundowns,” kusho umthombo.
Okhulumela i-Arrows, uComfort Thusi, akatholakalanga ukuze aphawule ngendaba kaMashilo.
NgoLwesibili i-Arrows ikuqinisekisile ukujoyina kukaMashilo.
Abafana Bes’thende would like to welcome Marcus Mashilo to the team as the new Goal Keeper Coach.We are delighted to have Marcus with us and believe his extensive experience will be a valuable asset in our successful journey in the season ahead.#sthendeway #10betgoldenarrows pic.twitter.com/CuJjNDPgkZ
— Lamontville Golden Arrows FC (@goldenarrowsfc1) July 9, 2024
Ngesizini edlule bekulindeleke ukuthi i-Arrows icacise ngendaba yomqeqeshi ozovala isikhala sikaKomphela ofike maphakathi nesizini edlule wayihlenga ibhedelwa yizinto. Okwamanje izintambo zokuqeqesha zibanjwe nguMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu abadonse kanzima ngesizini edlule, bephikwa yimiphumela emuva kokuqala kahle. I-Arrows igcine ivale isizini isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-38 emuva kwemidlalo engu-30. Emasontweni adlule leli qembu lisayinise umdlali wasemuva kwesokudla, uKeenan Phillips, obedlalela iMoroka Swallows esidayisiwe. UPhillips wakhulela enkulisa yeBidvest Wits ngaphambi kokudlulela kwiSuperSport United. Wadlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ka-Under 20 ngaphansi komqeqeshi, uThabo Senong, ngo-2019.