UBONA iMalawi izobanika inselelo abayidingayo ngaphambi komqhudelwano, i-Women’s Africa Cup of Nations, ozoba ngoJulayi, umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis.
IBanyana izobhekana neScorchers emidlalweni emibili yobungani. Owokuqala uzoba se-UJ Stadium eSoweto, namuhla ngo-3 ntambama. Owesibili uzodlalelwa kuyona le nkundla ngoLwesibili ntambama.
Ngemuva kokuqoka inqwaba yabadlali abasebancane eqenjini elidlale neLesotho emidlalweni emibili yobungani neLesotho ngoFebhuwari, u-Ellis ulande iningi labadlali abanamava abebeseqenjini elanqoba iWafcon ngo-2022, laphinde lafinyelela ku-Last 16 eNdebeni yoMhlaba ngo-2023.
IBanyana izobhekana neGhana, Mali neTanzania kuGroup C kwiWafcon yanonyaka, U-Ellis ukholelwa ekutheni iMalawi izobanika okufanayo nalokhu abazobhekana nakho eMorocco.
“IMalawi yanqoba iCosafa Cup ngo-2023. Inamandla amakhulu futhi iyakwazi ukuhlasela ngesivinini. Ivala kahle emuva kanti futhi idlala kahle uma ibhola lisemoyeni. Zonke lezi zinto zisinike ubunzima phambilini,” kusho u-Ellis.
“Indlela edlala ngayo icishe ifane neGhana neTanzania. Akukho okuningi esikwaziyo ngeMali kodwa sinayo imidlalo yabo yakamuva esizoyihlaziya maduze. Besibheke izimbangi ezizosivivinya kulezi zinto engizibalile futhi sikholwa wukuthi iMalawi izokwenza lokho.”
Le midlalo izophinde isetshenziselwe ukuvalelisa izingwazi zeBanyana, uNoko Matlou noNompumelelo Nyandeni. UMatlou usedlale imidlalo engu-173 eqenjini lesizwe, kanti uNyandeni uzobe edlala umdlalo wakhe ka-150.
U-Ellis wenze ushintsho olulodwa eqenjini alimemezela emasontweni ambalwa edlule. Umgadli we-JVW FC, uTanna Hollis, ubizelwe ukuzovala isikhala somdlali weSuper Strikers, uMavis Maiacane, ohoxile ngenxa yokugula.
IMalawi ibashiyile abadlali bayo abayingozi kakhulu, okuyizelamani zakwaChawinga, uTemwa noTabitha, kodwa ifike neqembu eliqinile elinabo abanye abadlali abazinze phesheya.