ISITOBHA seKaizer Chiefs okunezinkulumo zokuthi sisendleleni ephumayo eNaturena, njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali, uThatayaone Ditlhokwe, asinankinga nokushenxa uma Amakhosi ebona kanjalo.
Kusukela uDitlhokwe oneminyaka engu-26 ubudala afika kwiChiefs ngo-2023 esuka kwiSuperSport United, uhlangabezane nezinkinga eziningi ezihlukene ezithinta ukulimala.
Kungenxa yalesi sizathu umdlali waseBotswana, eqale wabukeka sengathi akayona kangako ingxenye yezinhlelo zomqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, wamfica ebalwa nabalimele.
Lo mqeqeshi waseTunisia, usheshe wakucacisa ukuthi ukholelwa ku-Inacio Miguel, noRushwin Dortley. Uma kunenkinga koyedwa walaba, uNabi usebenzisa uGiven Msimango okumshiya kude nesikimu uDitlhokwe.
Ukulimala kukaBradley Cross osekungumlando ukuthi useluleme, kuvulele uDitlhokwe ithuba kodwa ubedlala endaweni okungeyona iChiefs eyamqashela ukudlala kuyona, okuyisemuva kwesokunxele.
Muva nje, kusabalele amahlebezi amatanisa uDitlhokwe nokubuyela kwiSuperSport ungakapheli uJanuwari. KwiSuperSport kulapho esebenze khona isikhathi eside nomqeqeshi ozifelayo ngaye, uGavin Hunt.
Ngesikhathi iChiefs imeme abezindaba maphakathi nesonto lesi sitobha sibuziwe ngamahlebezi asikhomba endleleni ephuma ngomnyango eNaturena.
Nakuba singazange siphumele obala kumbe sande kangako kodwa impendulo yaso ikubeke kwacaca ukuthi asigolozile ukuhlala ngenkani eNaturena uma singasadingeki.
“Ngijwayele ukuhlangana nalo mbuzo ngeqembu engizobe ngilidlalela ngenyanga ezayo kodwa impendulo yami ihlale ifana kuthi ayisoze yashintsha,” kusho uDitlhokwe.
“Ngiwumuntu obeke konke kuMdali, ngakho-ke uyena owazi ukuthi ngizobe ngidlala kuphi nini. Uma (uMdali) efuna ngibe kwiChiefs ngenyanga ezayo ngizobe ngikuyona kodwa futhi uma ebona kungcono ngibe kwenye indawo kuzobanjalo,” kusho yena.
UDitlhokwe oyiqale yonke eyeChiefs ngoba bekulimele uCross, uthe lokhu ngeke kumenze azikhukhumeze ngoba imiphumela yeqembu yakamuva ayigculisi.
“Kumnandi ukuba enkundleni kodwa akusho lutho uma iqembu lingenzi kahle. Ngokwami akusho lutho ukuthi kudlala bani kodwa okumqoka wukuthi iqembu lizisusa kanjani kule ndawo engalifanele elihleli kuyona,” kusho uDitlhokwe.