XOLILE MPISANE
ABATHANDI bezemidlalo baseNingizimu Afrika, abayiswelanga injabulo ngo-2024 ngoba amaqembu nabadlali bakuleli bekwazile ukuphumelela ezinhlotsheni ezehlukene zemidlalo
Imiqhudelwano ebimikhulu kulo nyaka kube ngama-Olympic namaParalympic ayebanjelwe eParis, eFrance, kusukela ngoJulayi kuya ku-Septhemba.
Ithimba lakuleli labuya nezindondo eziyisithupha kuma-Olympic, eyodwa yegolide, ezintathu zesiliva, nezimbili zethusi. Liphinde laqoqa eziyisithupha kumaParalympic, ezimbili zegolide, nezine zethusi.
Njengoba kwenzeka kuma-Olympic ayeseTokyo, eJapan, ngo-2021, umbhukudi uTatjana Schoenmaker, unqobele elakuleli izindondo ezinkulu, ethatha igolide emjahweni we-100m breaststroke, nesiliva kowe-200m breastroke.
Elinye isiliva laqhamuka kowe-relay wabesilisa ka-100m lapho iqembu elaliholwa khona ngumakadebona u-Akani Simbine, ehambisana nabasubathi abasebancane, uBayanda Walaza, Bradley Nkoana noShaun Maswanganyi, langena endaweni yesibili. Elesithathu latholwa ngu-Jo-Ane van Dyk kwi-javelin yabesifazane.
Izindondo zethusi zanqotshwa yiqembu labesilisa lobhoxo weSevens, noshova amabhayisikili u-Alan Hatherly.
KumaParalympic, umgijimi uMpumelelo Mhlongo wathola igolide ku-100m esigabeni seT44 nethusi ku-200m esigabeni seT64. Elinye igolide latholwa nguSimone Kruger kwi-discus yabesifazane esigabeni seF38.
Abanye abathola izindondo zethusi kwaba nguLouzanne Coetzee emjahweni wabesifazane ka-1500m, uPieter du Preez kowamabhayisikili wabesilisa nabadlali be-wheelchair tennis, uDonald Ramphadi, noLucas Sithole
Unyaka wavulwa kahle yiqembu lesizwe lebhola labesilisa, iBafana Bafana, elaqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari kuya kuFebhuwari.
Leli qembu elase liphenduke inhlekisa ngenxa yokwehluleka ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu njenge-Afcon, neNdebe yoMhlaba lakwazi ukusebenzisa lo mqhudelwano ukubuyisa isithunzi ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uHugo Broos.
Alibange lisabheka emuva kusukela lapho njengoba liphinde laqeda phezulu eqoqweni lalo kweyokuhlungela i-Afcon ezoba eMorocco ngonyaka ozayo, nokukhuphule amathemba okuthi lizokwazi ukuzitholela ithikithi leNdebe yoMhlaba yango-2026, uma seliqhubeka nemidlalo yokuhlunga ngonyaka ozayo.
Kwezombhoxo, bekubhekwe lukhulu kumaBhokobhoko kulandela ukunqoba iNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelana nyakenye. Leli qembu eliphekwa nguRassie Erasmus kalizange liphoxe, lanqoba imidlalo engu-11 kwengu-13 eliyidlalile kulo nyaka, ladla umhlanganiso kwiRugby Championship.
IHollywoodbets Sharks nayo iqhakambise ifulegi lakuleli inqoba isicoco se-European Challenge Cup, iba yiqembu lokuqala lakuleli ukuba ngompetha balo mqhudelwano.
Komunye umdlalo osuthanda ukuba nesasasa kuleli, i-mixed martial arts, isikhondlakhondla sakuleli uDricus du Plessis, sibe nonyaka oyimpumelelo njengoba sihlwithe ibhande le-UFC Middleweight Championship kuSean Strickland wase-United States ngoJanuwari, saphinde salivikela sibhekene no-Israel Idesanya waseNew Zealand, odabuka eNigeria, ngo-Agasti.
Kwezekhilikithi, amaProteas abesilisa afinyelele kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba okokuqala kweyeT20 e-United States, naseWest Indies ngoJuni, kodwa anqotshwa yi-India. Yize iqembu lakuleli liphinde lahluleka ukubuya nendebe kodwa ukudlula kowandulela owamanqamu, lapho bese likhubeke khona kaningi, kubuyise ithemba lokuthi sekuseduze liliqede ishobolo lokungayiwini iNdebe yoMhlaba.
Elabesifazane nalo lingene kowamanqamu kweyeT20, obekungokwesibili kulandelana, lanqotshwa yiNew Zealand. Ukusondela kwamaProteas abesifazane ekubeni yiqembu lokuqala lakuleli elikhulu ukunqoba iNdebe yoMhlaba, kukhombisa ukuthi izinhlelo zokuthuthukisa ikhilikithi yabesifazane kuleli zisahamba kahle.