UKHATHAZEKILE umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, ngokuthi abanye abadlali bamaBhokobhoko kungenzeka bayizwe ngendaba iNdebe yoMhlaba ka-2027 ngenxa yokulimala okudalwa wukudlala inqwaba yemidlalo.
ISharks iphinde yalinyalelwa ngabadlali ngoMgqibelo eKapa, okubalwa kubona u-Emile van Heerden, nasebezinzile kumaBhokobhoko u-Andre Esterhuizen, no-Aphelele Fassi ngesikhathi inqotshwa yiDHL Stormers ngo 24-20 emdlalweni we-United Rugby Championship.
ISharks ibivele inedlanzana labadlali abalimele bamaBhokobhoko okunguBongi Mbonambi, Eben Etzebeth, Grant Williams, noLukhanyo Am. Abanye nguJames Venter, noVincent Tshituka.
Nokho, kulindeleke ukuthi abadlali babuye uma iSharks isibuyela enkundleni ngoJanuwari 11, iyodudulana neqembu laseFrance, iToulouse, kowe-Investec Champions Cup.
“Lo mdlalo uphinde wasithinta ngendlela embi njengoba kulimale abanye abadlali bethu. Lapha asikhulumi ngabantu abazobuya ngemuva kwesonto noma amabili kodwa sibheke amasonto ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili,” kuchaza uPlumtree.
“Abantu kungenzeka bangaboni manje kodwa uma laba badlali benganakekelwa bazoqhubeka nokulimala ngokuhamba kwesikhathi. Njengoba iNdebe yoMhlaba izofika eminyakeni emithathu, kunengozi yokuthi abanye babadlali bethu asebekhulile bengawudlali lowo mqhudelwano.
“INingizimu Afrika isizwa ukuthi bakhona abanye abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu. Alikho elinye izwe elingakwazi ukumelana nale nselelo. Isibalo semidlalo yaseJapan, asikho phezulu kangako futhi kuyasiza lokho. Kodwa amaBhokobhoko adlala eNingizimu Afrika, adinga ukunakekelwa.
“Asikhulumi ngokuphunyuzwa kwabo kuphela kodwa kufanele bathole ikhefu elanele ukuze bazilolonge ngendlela efanele ngaphambi kokuqala kwesizini. Yinto okufanele siyifakele izibuko futhi akukho mqeqeshi okufanele azithole esesenkingeni ngokukhuluma ngayo.”
NgoMgqibelo umdlali wamaBhokobhoko ogijima kwiStormers, uSacha Feinberg-Mngomezulu, uphinde walimala, kwadingeka ukuthi akhishwe ngesiwombe sokuqala.
Kulokhu ulimale ethanjeni eliseduze nentamo, i-collarbone. Phambilini ulimale edolweni, washayeka ekhanda.
Amanye amaBhokobhoko asanda kuhlushwa wukulimala ngoFrans Malherbe, Damian Willemse, Steven Kitshoff, Lood de Jager, Ruan Nortje, Salmaan Moerat, Jan-Hendrik Wessels, Joseph Dweba nabanye.