ZIYANDA izinkinga zeHollywoodbets Sharks kwi-United Rugby Championship kulandela isibhaxu sakamuva sika 40-10 esithole kwi-Emirates Lions eGoli ngoMgqibelo.
Iqembu likaJohn Plumtree belibheke ukujika izinto kulo mqhudelwano kodwa ukushaywa kwalo ngembudlu yamaphuzu e-Emirates Stadium kukhombise ukuthi lisadunguza ebumnyameni.
Kuyiwe ekhefini iLions ihamba phambili ngo 19-10. Iqembu lasekhaya lithole ama-try amathathu esiwombeni sokuqala ngezandla zikaSanele Nohamba, JC Pretorius and noQuan Horn, uJaden Hendrikse wafaka ama-conversion amabili ngonyawo.
ISharks iphendule nge-try ka-Eduan Keyter, ne-conversion nephenathi eyodwa, okukhahlelwe uSiya Masuku.
Kulindwe imizuzu ecela kwengu-40 singaqali isiwombe sesibili ngenxa yemvula ebiyidliva eGauteng, ngoMgqibelo ntambama.
ISharks ilahlekelwe nguBongi Mbonambi okhishwe ngekhadi eliphuzi maphakathi nesiwombe sesibili. Lokhu kuholele ekutheni iLions izicanasele, yathola amanye ama-try abekwe nguConraad van Vuuren, Erich Cronje noHanru Sirgel.
Umqeqeshi weLions, u-Ivan Rooyen, uncome uNohamba noMorne van den Berg ngokulawula umdlalo.
“Ngake ngasho phambilini ukuthi kuyisibusiso ukuba nabadlali balolu hlobo eqenjini. Okuhle ngoSanele noMorne ukuthi abagxili nje ekuzinikeleni ngakho konke kodwa bakhaliphile futhi baqinile ngokomqondo. Bayakwazi ukuthatha izinqumo ezinhle enkundleni,” usho kanje.
“Laba bafana bahlezi bezimisele futhi bayakwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene enkundleni. Banamaqhinga okugqobhoza udonga lwezitha ukuze sibe namathuba okuthola amaphuzu.”
ISharks isanamathele emsileni we-log ngamaphuzu angu-10 emidlalweni engu-11, iLions isendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-29.
Komunye umdlalo we-URC obuphakathi kwamaqembu aseNingizimu Afrika, iVodacom Bulls ishaye iDHL Stormers okokuqala kulo mqhudelwano, iyixebula ngo 40-22 eLoftus Versfeld.
IBulls isilele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-40, bese iStormers iba sendaweni yesikhombisa ngawu-30.
Esicongweni kusahleli iqembu lase-Ireland, iLeinster, elinamaphuzu angu 44 emidlalweni engu-11.
Wonke amaqembu azothatha ikhefu lamasonto amabili ngaphambi kokuthi abuyele enkundleni. ISharks izobhekana neqembu lase-Ireland, i-Ulster, eThekwini ngoMashi 23, iLions idlale neConnacht e-Ireland.
IBulls izodudulana neDragons eWales, ngosuku olufanayo, kuthi iStormers idlalele ekhaya neqembu laseScotland, i-Edinburgh. Amaqembu ayisishiyagalombili aphezulu azodlulela esigabeni somkhumulajezi.