MAKHULU amathuba okuthi avumbuke eqenjini laseSoweto, unozinti weChippa United, uStanley Nwabali, okuvela ukuthi akasabalwa kwabazobuyela eqenjini ngesizini ka-2024/2025.
UNwabali waseNigeria, uphenduke iqhawe ngesikhathi edlalela izwe lakhe emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon), ngasekuqaleni konyaka. Emuva kwalokho kusabalale izinkulumo zokuthi maningi amaqembu amfunayo kwiDStv Premiership, naphesheya kwezilwandle. Emasontweni adlule, uNwabali ucashunwe yi-Farpost ethi nakuba ebengathanda ukuhlala okungenani amasizini amabili kwiChippa ngenxa yothando aluthole kusihlalo uSiviwe Mpengesi kodwa akaboni kuzokwenzeka lokho.
Umthombo ozazi zonke izindaba zeChippa udalule ukuthi sekuyindaba eyaziwayo kwiChilli Boys ukuthi uNwabali akabuyi. Lo nozinti uzohlanganisa iminyaka engu-28 yobudala ngoMsombuluko.
“Akwaziwa okwamanje ukuthi uzosayina kuliphi iqembu ngoba leyo yindaba ephethwe ngusihlalo futhi akayitsheli muntu. Kodwa ujabule kakhulu ngokuthi uzodayisa uNwabali. Maningi amaqembu akhombise intshisekelo ngaye ngaphambi kokuvalwa kwesizini. Kodwa engingakuqinisekisa wukuthi impela uNwabali akabuyeli kwiChippa,” kusho umthombo.
Ubungani obuphakathi kweChippa, ne-Orlando Pirates, abajwayele ukunikana abadlali, kungenzeka buzihlomulise eZimnyama izolo ezimemezele ukuthi ngeke zizavuselelwa izinkontileka zonozinti ababili eziphela ekupheleni kwenyanga. Laba nguRichard Ofori waseGhana noSiyabonga Mpontshane. Bobabili kade sebelizwa ngendaba ijezi kwiPirates. Abanye abadlali abachithwe yiPirates nguKermit Erasmus noThabang Monare oyibamba enkabeni yenkundla.
Okwakhele isigcwagcwa u-Ofori kwiPirates, ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro, wukuthi akakwazi ukulidlala ngezinyawo ibhola okuyinto emqoka esitayeleni salo mqeqeshi waseSpain. USipho Chaine uselenze elakhe ijezi ngoba uyakwazi ukuliqala ibhola emuva futhi uyasiqonda isitayela sokuba ngunozinti okwazi ukuvala isikhala phakathi kwakhe nabadlali basemuva. Okunye okungenza iPirates iphumelele ukuthola uNwabali wukuthi iChippa ifuna ngokugcwele uGoodman Mosele ebimboleke yona iChilli Boys.
Imenenja yeChippa, uWanda Mbenguzama, ilukhombe kusihlalo udaba lwabadlali beChilli Boys. Ethintwa uMpengesi, uthembisile ukuthi uzoyiphendula yonke imibuzo ethinta abadlali uma engasaxinekile kodwa ngokuhamba kwesikhathi ubengasaluphenduli ucingo.
Ngaphandle kwePirates, iKaizer Chiefs inegcindezi yokuthola unozinti onamava ozovala isikhala sika-Itumeleng Khune, okuqinisekisiwe ukuthi ngeke esalikhahlela eNaturena. Kumanje, iChiefs isele noBruce Bvuma ngoba ayikakavuselelwa inkontileka kaBrandon Petersen, osenuka iqaqa kubalandeli baMakhosi. IChiefs ibalwa emaqenjini azijubile akhuluma neChippa mayelana noNwabali oseqenjini lesizwe leNigeria, elidlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.