Ama-Olympic azoqala ngoLwesihlanu eParis, eFrance, azophinde anikeze abasubathi bamabanga amafushane (sprint) baseNingizimu Afrika ithuba lokuthi babalwe nabahamba phambili emhlabeni.
Sekuphele iminyaka engu-116 selokhu umgijimi wakuleli athola indondo komunye wemijaho emibili emifushane kuma-Olympic, oka-100m noka-200m.
Umsubathi wokuqala nowokugcina wakuleli ukuthola indondo kuma-Olympic kule mijaho kwaba wuReggie Walker, owathola eyegolide koka-100m kuma-Olympic ayeseLondon ngo-1908.
U-Akani Simbine, uShaun Maswanganyi noBenjamin Richardson yibona abazomela izwe emjahweni ka-100m eParis. UMaswanganyi, uRichardson noWayde van Niekerk baqokelwe oka-200m.
Iqembu elizogijima kwi-4x100m relay libunjwe uSimbine, uMaswanganyi, uRichardson, uBradley Nkoana, uBayanda Walaza noSinesipho Dambile.
Akekho umuntu wesilisa osakwazile ukukhonya emijahweni ka-100m neka-200m selokhu inkakha yaseJamiaca, u-Usain Bolt, yawaphanyeka emgibeni amateku ngo-2017.
Isikhathi esingcono esisashaywe uSimbine ku-100m kulo nyaka ngu-9.94, asigijime eNorway ngoMeyi. Nokho usengomunye okuthenjelwe kubona njengoba kwala kancane ukuthi abuye nendondo kuma-Olympic amabili edlule.
URichardson uqophe isikhathi esisheshayo kubasubathi bakuleli kulo nyaka ngesikhathi enqoba umjaho eSwitzerland ngeSonto ngesikhathi esiwu-9.86.
UMarcell Jacobs wase-Italy wathatha indondo yegolide ku-100m kuma-Olympic akamuva e-Tokyo ngesikhathi esingu-9.80. Walandelwa nguFred Kerley (USA) no-Andre De Grasse (Canada).
Kuma-World Atheltics Championships eBudapest nyakenye, uNoah Lyles wase-USA wanqoba igolide ngo-9.83, eshiya uLetsile Tebogo (Botswana) noZharnel Hughes (Great Britain).
Kulo nyaka uKishane Thompson uyena osaqophe isikhathi esihamba phambili njengoba eqa umugqa ngo-9.77 eKingston ngenyanga edlule.
Abanye abagijime izikhathi ezisheshayo kulo nyaka nguFerdinand Omanyala waseKenya (9.79), no-Oblique Seville waseJamaica (9.82).
UMaswanganyi ugijime umjaho ka-100m ngo-9.89 ngoMeyi esizwa wumoya onamandla kanti umjaho wakhe ongcono ka-200m ube ngenyanga efanayo, lapho eqede khona ngo-20.08. Isikhathi esihle sikaVan Niekerk ku-200m kulo nyaka kube ngu-20.23 awuqophe egijima ePoland ngenyanga edlule.
U-Andre de Grasse wanqoba igolide ngo-19.62 emjahweni we-200m eTokyo, walandelwa uKenneth Bednarek noLyles base-USA.
KumaWorld Championship eBudapest nyakenye uLyles waphuma phambili ngo-19.52, walandelwa umkhaya wakhe u-Erriyon Knighton noTebogo.
ULyles uhamba phambili ku-200m kulo nyaka ngo-19.53 awuqopha e-Eugene ngenyanga edlule. UBednarek usayingozi njengoba ashaya u-19.59 emjahweni ofanayo kwathi uCourtney Lindsey wagijima u-19.71 eKenya ngo-Ephreli.
Iqembu lakuleli le-4x100m relay lazibekisela indawo kuma-Olympic ngokushaya isikhathi esingamasekhondi angu-38.08 kuma-World Athletics Relay Championships eBahamas ngoMeyi. Kulo mjaho kwakugijima uSimbine, uRichardson, uNkoana noWalaza.
I-USA (37.40), Canada (37.89) neFrance (38.44) yiwona maqembu amathathu abuya nezindondo kulo mqhudelano.
Kuma-Olympic aseTokyo amaqembu amathathu aphuma phambili kulo mjaho kwaba yi-Italy, Canada neFrance.
UWalaza (18) ukholwa wukuthi isikhathi abasibambe emjahweni wokuhlunga eBahamas sakhombisa ukuthi bangakwazi ukulwela indondo eParis.
Ubekhuluma ngesikhathi isikole enza kusona u-matric kulo nyaka, iCurro Hazeldean High School, simenzele umcimbi wokumvalelisa ngoMsombuluko.
"Kulokhu sihlose ukubuya nendondo. Sasingayithola eBahamas ukuba sasihlele kahle. Sashaya isikhathi esihle emjahweni wokuhlunga. Sesilindele okukhulu manje uma uqhathanisa naleso sikhathi," kusho Walaza.
"Iqembu lethu le-relay liqinile. UBenji (Richards) usanda kugijima umjaho ka-100m ngaphansi kwamasekhondi angu-9.90, no-Akani angakwenza lokho. UMaswanganyi angagijima ngaphansi kwamasekhondi angu-10 futhi ngisakholelwa ekutheni nami ngizokwenza lokho ngelinye ilanga. Ngicabanga ukuthi iqembu lethu le-relay ngelinye abantu okufanele baliqaphele,” uphethe kanje.