IPHINDE yakhula ingcindezi kumqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, kulandela ukushaywa kweqembu lakhe kwi-United Rugby Championship ngoMgqibelo.
ISharks ihlulwe okwesishiyagalolunye kulo mqhudelwano emidlalweni engu-10 ngesikhathi ithelwa phansi yi-DHL Stormers ngo 25-21 eHollywoodbets Kings Park.
Womabili la maqembu ashaye ama-try amathathu emdlalweni kodwa iStormers ithole amaphuzu angaphezulu ngokukhahlelela ipali.
U-Ox Nche, James Venter noBongi Mbonambi bashayele iqembu lasekhaya ama-try. UCurwin Bosch ubeke phakathi i-conversion eyodwa, uSiya Masuku wakhahlela amabili.
Ama-try ezivakashi ashaywe nguJoseph Dweba, Paul De Wet noBen Loader. USacha Feinberg-Mngomezulu ufake ama-conversion amabili namaphenathi amabili.
“Isihlalo sihlala sishisa futhi siya ngokuya sishisa kakhulu,” uphendule kanje uPlumtree ebuzwa ukuthi ngabe uyayizwa yini ingcindezi ngenxa yemiphumela emibi emqhudelwaneni.
“Kuzofanele sibe ngcono, ikakhulukazi uma sidlala namanye amaqembu aseNingizimu Afrika. Abafana bazamile kakhulu kodwa kunomehluko phakathi kweqembu lethu lokuqala naleli esinalo manje.
Inselelo esibhekene nayo wukuthi kumele sikwazi ukwenza kahle ngaphandle kwabadlali bethu bamaBhokobhoko.
“Silinyalelwe yinqwaba yabadlali kule sizini, abadlali abawukhiye. Iqembu lizoqina uma sebebuyile bonke kodwa asikafiki lapho, cishe sizofika kulelo zinga ngo-Ephreli.”
Bekungokwesibili iSharks ihlulwa yiStormers kulo mqhudelwano ngale sizini. Ngesikhathi bebhekene eKapa ngoDisemba, umdlalo unqotshwe yiStormers ngo 16-15.
UPlumtree ukholelwa ekutheni le midlalo ibihlukile nakuba umphumela ucishe wafana.
“EKapa sasihamba phambili ngemuva kwemizuzu engu-72 kodwa sahluleka ukuthola ibhola, bathola iphenathi base behamba phambili, sahlulwa ngephuzu eliloldwa,” usho kanje.
“Kulo mdlalo ibhola beliphethwe yibona kanti eKapa sasikwazi ukulithola nathi. Sihlulekile ukugcina ibhola kulo mdlalo, yize siwatholile amathuba, sangawasebenzisa wonke ngendlela efanele.
“Asikafiki lapho esifuna ukuba khona futhi mkhulu umsebenzi okumele siwenze. Ngilethemba kakhulu leli qembu futhi ngikholwa wukuthi sizolilungisa, sifike ezingeni esilifisayo. Okwamanje sisabhekene nobunzima ngenxa yezizathu ezahlukene.”
IStormers isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-10, iSharks iseemsileni ngamaphuzu angu-10.
Komunye umdlalo we-URC obuphakathi kwamaqembu aseNingizimu Afrika obudlalelwa e-Ellis Park ngoMgqibelo ntambama, iVodacom Bulls iqumbe phansi i-Emirates Lions ngo 25-10.
IBulls inyukele endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-35, kwathi iLions yehlela endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-24.