UMDLALI wasesiswini kwiTS Galaxy, ULindokuhle Mbatha, uthi ibakhuthaze kakhulu indlela abasayiqale ngayo isizini futhi bazibophezele ekulweleni ukugcina lo mgqigqo abasaqale ngawo.
UMbatha (38), okunguyena mdlali omdala kunabo bonke osadlala njengamanje kule sizini ka-2023/2024, usho kanjena nje iGalaxy isibuye namaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu yeligi esayidlale.
Ivule isizini ngokushaya omakoti iCape Town Spurs ngo 1-0, kowesibili yabambana ngo 0-0 neChippa United, yabe isilandela ngokuthela isibhaxu sika 1-0 kwiKaizer Chiefs ngeledlule, eMbombela Stadium, nokwenze abalandeli beChiefs bawotha ubomvu.
IGalaxy izotholana phezulu neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgugngundlovu, namhlanje ngo-3 ntambama.
“Kubalulekile ukuyiqala kahle isizini ngoba lokho kunika abadlali umfutho, kwenyuse nezinga lokuzethemba emidlalweni elandelayo.
“Nathi sikhuthazeke kakhulu indlela esisayiqale ngayo isizini, futhi izinto zisahamba ngokohlelo, ngoba inhloso yethu ukuthi emidlalweni emihlanu yokuqala sithole okungenani amaphuzu angu-11.
“Siyazi ukuthi sisengenza okungaphezulu kwalokhu esizibekele khona, ngakho-ke kule midlalo emibili esizoyidlala ngaphambi kwekhefu leMTN 8 neleFifa, sizolwela ukuqhubeka nokugcina umgqigqo wethu,” kusho uMbatha.
“Silindele umdlalo onzima kwiRoyal AM, ngoba sikuqonda kahle ukuthi ukubhekana neqembu elinjengaleli elingakawini emidlalweni emithathu ilandelana kusho impi, ikakhulukazi njengoba idlalela ekhaya.”
Ngakolunye uhlangothi umgadli weRoyal AM, uMxolisi Macuphu, uthi bazolwela ukubuyisa isithunzi ngalo mdlalo wabo neGalaxy babuyise ithemba kubalandeli.
“Siwabonile amaphutha asishayile emdlalweni wethu neStellenbosch futhi siyakwazi esikulindele kwiTS Galaxy ezoza kithina inokuzethemba ngemva kokushaya kwayo iChiefs.
Ngaphandle nje, kokulungisa amaphutha kuleli sonto ejimini nokuhlela amaqhinga omdlalo esiya kuwo nethimba labaqeqeshi, kodwa nathi sisodwa singabadlali sizibophezele ekutheni sikulwele ukubuyisa isithunzi ngalo mdlalo esiyowudlala, senze isiqiniseko sokuthi abalandeli baphuma enkundleni bejabule,” kusho uMacuphu.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Lamontville Golden Arrows v Polokwane City (Mpumalanga Stadium)
Ngo-5.30pm:
Kaizer Chiefs v AmaZulu FC (FNB Stadium)
Ngo-8pm:
Stellenbosch FC v Supersport United (Danie Craven Stadium)
Kusasa:
Ngo-3pm:
Royal AM v TS Galaxy (Harry Gwala Stadium)