ISITOBHA se-Orlando Pirates, uDeano van Rooyen, sinemizwa ehlukene ngokuyobhekana okokuqala neqembu laso elidala, iStellenbosch FC, abazotholana phezulu nalo ngo-3.30 ntambama emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, eSoweto.
U-Van Rooyen (28) obonakala elidla ijezi esikimini sePirates ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro, kulindeleke ukuthi abhekane okokuqala neStellenbosch ayishiye isiqalile isizini ka-2024/2025 esedayiselwe iPirates.
Wayengekho emdlalweni wamanqamu weMTN 8 ngesikhathi eZimnyama ziguqisa iStellies ngo 3-1 ngenyanga edlule eThekwini, ngenxa yokuthi wayesewudlalile lo mqhudelwano esekwiStellie.
IStellies izodlala nePirates emdlalweni wakusasa nje, ibuya esibhaxwini sika 2-0 esithole ngoLwesibili kwiStade Malien Bamako yaseMali koweCaf Confederation Cup, ekuhambeni. EZimnyama zizongena enkundleni zishayela phezulu ngemva ukubuya namaphuzu kwiCR Belouizdad yase-Algeria eyiguqise ngo 2-1 emdlaweni wokuqala wesigaba samaqoqo seCaf Champions League ngoLwesibili.
“Kuzoba ngumzuzu omnandi kimina ukubhekana neqembu lami elidala kodwa njengamanje ngila kwiPirates okuyiqembu engiqhuba kulona umsebenzi elingiqashele wona,” kusho uVan Rooyen, ekhuluma izolo.
Kujwayelekile ukuthi abadlali baseWestern Cape, bakuthole kunzima ukuzinza nokuvelela emaqenjini aseGauteng, abasuke besayine kuwona bekade bevutha bengabaselwe kwabasuka kuwona.
Nokho, uVan Rooyen odabuka e-Idas Valley eStellenbosch, uveze ukuthi umzala wakhe uDillan Solomons ogijima kwiKaizer Chiefs, usemsize kakhulu ekutheni asheshe ajwayele eGoli.
“Yena (uDillan) usenesikhathi impela elapha eGoli, njengoba eseneminyaka emithathu. Into angitshela yona ukuthi angishaye umsebenzi wami, ngigxile kulokho engikuzele lapha, hhayi ezinye izinto. Nakuba singabonani njalo kodwa siyaxoxa ngocingo isikhathi esiningi, kanti nami ngiyaye ngimeluleke ngokuthi akagxile kulokhu akwenzayo. Sengijwayele kwiPirates. Kusukela ngosuku lwami lokuqala wonke umuntu, ukubala nomqeqeshi, wangemukela ngezandla ezifudumele.
“Ukujoyina kwami leli qembu kwaba ukufezeka kwephupho lami leminyaka njengoba kusukela ebuncaneni bami nganginephupho lokudlalela iPirates engaqala ukuyilandela ngiseneminyaka eyisishiyagalombili. Ngangiyibuka inqoba izindebe, nokuyiyona nto nami engiyizele la (kwiPirates) ukuzonqoba izindebe,” kusho uVan Rooysen osedlale imidlalo eyisishiyagalombili kweZimnyama kuyona yonke imiqhudelwano.
IPirates, esayinqobe yonke imidlalo yeligi kule sizini, ihleli esicongweni se-log yePremiership ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo eyisikhombisa.