PHEZU kokuba iSwallows FC ibalwa namaqembu ashaya into ecokeme kule sizini kodwa umqeqeshi wayo, uBrandon Truter, uyazihlangula embangweni wesicoco seDStv Premiership.
ISwallows, enyukele esigabeni esikhulu ekupheleni kwesizini edlule, ibambene ngamaphuzu angu-18 neMamelodi Sundowns esicongweni se-log. Ayikaze ihlulwe emidlalweni eyisishiyagalombili esiyidlalile. UTruter, oqalayo ukuqeqesha kwiPremiership, uthe akungabhekwa ngakubona uma kukhulunywa ngombango weligi. ISwallows ifice iSundowns ngamaphuzu emuva kokuthela muva njengembumba, yagcina ihlule iBlack Leopards ngo 2-1 eLimpopo ngempelasonto.
"Cha, cha, cha eyababanga isicoco seligi ikhulume neSundowns, (Orlando) Pirates neSuperSport (United). Hhayi nathi. Senza nje okusemandleni emdlalweni olandelayo ngoba yiwona kuphela obalulekile. Asicabangi ngombango wesicoco seligi noma okufuze lokho. Wumdlalo olandelayo obalulekile. Sisekwisizini yokuqala sifikile kule ligi. Sizobona ukuthi siphelelaphi, " kusho uTruter.
"Sibasha kule ligi. Mina nabanye abadlali abaningi. Silapho ebesifuna ukuba khona. Kodwa ngeke kusingene emakhanda lokho. Thina sisazifikela nje lapha. Siyabahlonipha bonke abakhona. Kodwa sizoqhubeka sibheke phambili."
Ngesizini edlule iSwallows isuke ngasemsileni we-log kwiGladAfrica Championship, yagcina iwine iligi. Igudluze i-Ajax Cape Town obekunesikhathi ihlezi esicongweni. Ngaphambi kokuqala kwesizini yePremiership, iqinise isikimu sayo ngabadlali abangomakadebona.
ISwallows izobuyela enkundleni ngoJanuwari 5 uma isibhekene neCape Town City ekhaya.
"Bengazi ukuthi sizowamisa kabi amaqembu amaningi. Umoya muhle eqenjini kanjalo nohlaka. Sinendlela yokudlala abadlali abanethezekile kuyona. Bengazi ukuthi sizoba yinkinga futhi sizoyiwina eminye imidlalo. Ebengingakulindele wukwenza kahle ngale ndlela. Sibonga uMdali ngalokho. Okudingekayo manje wukuqhubeka kanje, sibambe umgqigqo. Sizobona ukuthi kuzokwenzekani emidlalweni engu-10 kuya kwengu-15," kusho uTruter.