UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uhlabeka umxhwele ngendlela abadlali bakhe abakhombisa ngayo ukuvuthwa ngokukwazi ukumelana nengcindezi yokudlala imidlalo eminingi ilandelana.
URiveiro ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe ziphinde zabuya namaphuzu amqoka, zanciphisa negebe phakathi kwazo neMamelodi Sundowns esicongweni se-log yeBetway Premiership ngokushaya iMagesi FC ngo 1-0 koweligi e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto.
IPirates ishaya iMagesi nje, ibiqeda kuvulela isimbambamba sika 8-1 kwiMarumo Gallants ngoLwesibili kowePremiership, yathumela umlayezo oshubile ezimbangini zayo.
“Yize ngingagculisekile ngendlela esidlale ngayo, ikakhulukazi phambi kwabalandeli bethu abebephume ngobuningi ukuzoseseka kodwa ukubuya namaphuzu yikhona obebaluleke kakhulu. Noma singadlalanga kahle kangako kodwa ukuzinikela nokulwa okukhonjiswe ngabadlali yikho okube nomthelela ekunqobeni lo mdlalo, sakwazi ukuqeda u-2024 ngegiya eliphezulu,” kusho uRiveiro.
“Sizama ngayo yonke indlela ukudlala ibhola elihle nelijabulisa abalandeli bethu kodwa futhi elihambisana nemiphumela ngoba sifuna ukuziqophela owethu umlando njengeqembu lamanje lePirates elihlale lilwela ukuwina izindebe.
Okungihlaba umxhwele kakhulu ukuthi abadlali bethu baya ngokuya bekhombisa okukhulu ukuvuthwa, bathola nesipiliyoni sokudlala njengeqembu imidlalo eminingi ilandelana. Njengamanje sesibheke umdlalo wethu olandelayo weChampions League esizowudlalela ekhaya obalueleke kakhulu nesifuna ukubuya nomphumela omuhle kuwona.”
IPirates izotholana phezulu ekhaya neStade d’Abidjan yase-Ivory Coast emdlalweni womlenze wesibili wesigaba samaqoqo seCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.
EZimnyama ziyiqale ngonyawo oluhle imidlalo yesigaba samaqoqo seChampions League ngokushaya i-CR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-1. Emuva kwalokho ibambane ngo 0-0 ne-Al Ahly yase-Egypt ekhaya ngaphambi kokubambana ngo 1-1 ne-d’Abidjan ekuhambeni.
Kumasizini amathathu ngaphansi kukaRiveiro, eZimnyama sezinqobe izicoco eziyisihlanu okungezintathu zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup. Kule sizini kubhekwe lukhulu kuleli qembu ukuthi lizokwazi yini ukugudluza iSundowns embangweni weligi yePremiership. Ngaphezu kwalokho, kulindelwe lukhulu kuzona kwiChampions League.