INKAKHA yeBafana Bafana eseyaphenduka umqeqeshi, uBernard Parker, isanda kuvula isifuba ngokuncela ulwazi kumqeqeshi owayesebhentshini leManchester United, eyagila izimanga ngo-1999, uSteve McLaren.
UParker owadlala kwiRed Star Belgrade yaseSerbia, wawina isicoco seligi yaseNetherlands neFC Twente ngo-2010. Usewagaxe emgibeni amakhokho, wathatha umkhakha wokuqeqesha.
Uqale kahle kulo mkhakha uParker onamagoli eBafana Bafana angu-23 emidlalweni engu-73 kwazise i-TS Galaxy yakhe kwiDStv Diski Challenge (DDC) ibalwa namaqembu angcono kule sizini. KwiDiski, iGalaxy isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-12.
Ngesizini ka-2009/2010 ngaphansi kwesandla sikaMcLaren, uParker wadla isicoco seligi saseNetherlands neTwente, bedlula ngephuzu izinkunzi zakhona i-Ajax Amsterdam.
Le mpumelelo ayigcinanga ngokuhlobisa irekhodi likaParker kunobhutshuzwayo kepha kulapho kwaqala khona ukwakheka komqeqeshi njengoba enza kahle kwiDDC.
“USteve (McLaren) uyena umqeqeshi owatshala imbewu yomqeqeshi kimina. Indlela ayezehlise ngayo yahlala kimina ekubeni ngahlangana naye esekhiqize inqwaba yabadlali abahlonishwa umhlaba wonke,” kusho uParker.
“Indlela enza ngayo izinto ithi ayifane neka-Alex (Ferguson) wodumo kwiManchester United. Okwangihlaba umxhwele kakhulu yindlela ayephatha ngayo abadlali.
“Lokhu kwangigqugquzela ukuthi ngiyicabange indaba yokuqeqesha uma sengiwagaxe emgibeni. Kungenxa kaMcLaren ngathi uma ngibuya eNingizimu Afrika ngaqala ngagxila ezifundweni ezithinta lokhu engase ngikubonile ukuthi kwangiheha.”
Ngesikhathi iManchester United idla isicoco seligi, FA Cup nese-Uefa Champions League ngo-1999, uMcLaren wayeyiphini likaFerguson. Muva nje lo mqeqeshi wase-England, uke wasebenza njengephini ngaphansi kobuholi buka-Erik Ten Haag, osekuwumlando ukuthi sewakhonjwa indlela.
“Sekuphele iminyaka singabonani ubuso nobuso kodwa sisaxhumana ngaso sonke isikhathi uma kukhona engifuna ukukuncela kumbe uma sibuzana impilo.
“Kuyamchaza ukuthi sengiwumqeqeshi kodwa ojabule kakhulu yimina kwazise lo mbele enginawo kuyena awandele bani,” kusho uParker.
NgoMgqibelo iGalaxy izovakashela iKaizer Chiefs elele isibili kwiDDC.
Isiyonke eyeDDC kule mpelasonto imi kanje:
NgoMgqibelo
Marumo Gallants v Golden Arrows 10am; SuperSport United v Stellenbosch FC 10am; Kaizer Chiefs v TS Galaxy 12pm.
NgeSonto
Cape Town City v AmaZulu FC 10am; Polokwane City v Chippa United 10am; Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates 10am; Sekhukhune United v Richards Bay FC 12pm.