IPHINI lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, lifuna iphelele kweZimnyama indebe yeMTN8 ezodlalelwa okokugcina.
IPirates izobhekana naMaZulu kowamanqamu weWafa Wafa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-6 ntambama. Abaxhasi bomqhudelwano iMTN bamemezele ukuthi uhlobo lwendebe ezodlalelwa kuzoba ngeyokugcina kwazise sebezokwenza entsha ezoqala ukudlalelwa ngesizini ezayo.
Uma kuwina iPirates kusasa izoyigcina kwazise izoba yiqembu eseliyiwine kaningi kunawo wonke kodwa uma kuwina AmaZulu indebe izobuyela emahhovisi akwaMTN.
Uma uNcikazi eyiwina indebe yeMTN8 kuzoba ngokwesibili. Wayiwina okokuqala ngo-2009 eyiphini likaManqoba Mngqithi kwiLamontville Golden Arrows, eyaxebula i-Ajax Cape Town ngo 6-0.
"Kuzoba wumdlalo omuhle phakathi kwamaqembu amahle. Siwulungiselele kahle lo mdlalo. Kuzobaluleka ukuwulungela ngokomqondo nangokomzimba. Okubaluleke kakhulu wukuthi kufanele siwulawule umdlalo.
“Imidlalo efana nalona inomkhuba wokugudluka ekubeni wumdlalo webhola. Kubalulekile ukuthi siwulawule siphethe ibhola noma singaliphethe ngoba izimbangi ngeke zisenzele kube lula kodwa sizilungiselele.
“Sekuphele isikhathi eside singayiwini indebe eqenjini lethu. Kungaba kuhle ukuyiwina njengoba idlalelwa okokugcina. Singakwazi ukuyiwina. Asibone ukuthi kwenzekani ngoMgqibelo," kusho uNcikazi.
IPirates igcine ukuwina indebe yeMTN8 ngo-2020 iqeqeshwa nguJosef Zinnbauer noFadlu Davids. Le ndebe isiyiwine amahlandla amathathu.
Yisimo esihlukile ekhempini yoSuthu olwagcina ukuphakamisa indebe ngo-1992 luwina iCoca-Cola Cup. Alukaze luyiwine iMTN8. AmaZulu agcina ukudlala kowamanqu ngo-2010 ehlulwa yiBidvest Wits kwiNedbank Cup emdlalweni wokuvula inkundla iFNB Stadium ngaphambi komqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
Umqeqeshi woSuthu, uRomain Folz, uzodlala owamanqamu wokuqala eNingizimu Afrika.
"Okwami kulandela ngemuva kulo mdlalo. Okuphambili ngokuzozuzwa yiqembu. Mina ngilandela kude kakhulu. Siwulungele umdlalo. Uma abadlali bethu bezolandela kahle uhlelo esinalo ngomdlalo, konke kuzohamba kahle. Konke esikwenzayo sikwenzela abalandeli beqembu. Sizilungiselele kahle. Kuzoya ngokuthi yiliphi iqembu elingcono osukwini," kusho uFolz.
AmaZulu afinyelele kowamanqamu emuva kokwehlula iKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu, iPirates ikhiphe ompetha iMamelodi Sundowns.