UBONA kufanele baqine kuzona zonke izingxenye zenkundla ukuze bazibeke ethubeni lokubuya nokuthile emdlalweni weligi abazowudlala neMamelodi Sundowns umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt.
Amatsatsantsa namaSandawana bazotholana phezulu kowabakhaya baseTswane weBetway Premiership ozoqala ngo-7.30 kusihlwa eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
La maqembu azongena kulo mdlalo nemizwa ehlukene kwazise iqembu likaHunt linqotshwe AmaZulu FC ngo 2-1 koweligi ngempelasonto, iSundowns yabhaxabula iLamontville Golden Arrows ngo 4-0.
AmaBrazilians azolwela ukunweba igebe esicongweni se-log, kanti iSuperSport ifuna ukusuka endaweni ka-11, izisondeze kwiTop 8.
Ekuqaleni kwesizini iSundowns inqobe ngo 2-0.
UHunt uthe nakuba kusobala ukuthi abahlomile ngezikhali ezifanayo nezeSundowns kodwa bazimisele ngokulwa.
“Umehluko wezinga phakathi kwala maqembu mukhulu kakhulu manje, abesondelene phambilini. Siyazi ukuthi sizobhekana nani. Kufanele sizivikele kodwa uma sithola amathuba afana nawe-Arrows kufanele siwasebenzise. Kufanele senze kahle kuzona zombili izinhlangothi,” kusho uHunt.
“Ngesikhathi sidlala nabo ekuqaleni kwale sizini besiyiqembu elingcono cishe imizuzu engu-70. Sithole amathuba amabili amahle esingawasebenzisanga, sagcina sihlulwe ngo 2-0. Kufanele sisebenzise amathuba ethu. Siyazi ukuthi bazoligcina ibhola kodwa kufanele silisebenzise kahle uma silithola.”
UHunt uphinde wakhala ngokushoda kwabadlali angakhetha kubona ngenxa yokulimala, ukukhathala nezinye izizathu.
Isitobha uThulani Hlatshwayo, silimele umsipha osethangeni, umdlali wasesiswini uGrant Margeman ulimele edolweni kanti umgadli uBradley Grobler ulimele ebusweni.
UHunt ukhale ngokuthi ngeke akwazi ukumsebenzisa umdlali amboleke kwiSundowns, uLebogang Maboe, ngenxa yemibandela ethize amaqembu avumelana ngayo.
“Izivumelwano zenziwa lapho zenziwa khona. Akukho engingakuphawula ngoba ngisuke ngingekho. Umsebenzi wami uphelela kulokhu okwenziwa ensimini. Ngazisiwe nje ukuthi uMaboe ngeke akwazi ukudlala,” kusho uHunt.
“Kuzosilimaza lokho ngoba ufike walikhuphula izinga leqembu lethu. Sibonile ngoMgqibelo kule mizuzu cishe engu-30 ayidlalile ukuthi ungakanani umehluko angawenza eqenjini. Kuyadumaza ukuthi asikwazi ukumsebenzisa kulo mdlalo.”