UNOZINTI obambe ijezi kulezi zinsuku kwiKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, akafuni kuphunywe nabo iqhubu ngerekhodi laleli qembu laseNaturena eliphoxayo lokuvuzisa amagoli emidlalweni yeBetway Premiership kule sizini.
IChiefs edonsa kanzima kusukela kuqale isizini, inomdlalo olukhuni nomqoka weligi neStellenbosch FC namuhla ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
Amakhosi aphoqekile ukuqoqa amaphuzu agcwele phambi kwabalandeli bawo kwazise asuka endukwini ka 1-0 yeCape Town City ngempelasonto edlule.
Ukuqala ngebatha kule sizini akuyona into emkhathaza kangako uBvuma kodwa uthe angabuzwa ngokugeleza kwamagoli kweyeligi kusukela kuqale isizini, wakhombisa izimpawu zokuzwela.
IChiefs ibimeme abezindaba eNaturena izolo okuyilapho uBvuma ebuzwe khona ukuthi uyazamukela yini izinsolo zokuthi onozinti banomthelela ekutheni iChiefs ibe naleli rekhodi elingathandeki.
Kusukela kuqale isizini umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, usesebenzise onozinti abathathu okunguFiacre Ntwari, Brendon Petersen njengoba ijezi selikuBvuma. Leli qembu selingenelwe ngamagoli angu-14 emidlalweni engu-11 yePremiership. Livuzise amagoli kuyona yonke imidlalo ngaphandle koweChippa United eliwunqobe ngo 1-0.
“Irekhodi lethu alilihle uma uzokhumbula ukuthi sikhuluma ngeChiefs kodwa engingeke ngikwamukele ukuthi imbangela yalo ngonozinti kumbe izitobha,” kusho uBvuma.
“Siyiqembu ngakho-ke konke okuhle, okubi okwenzekayo kusithinta sonke. Ngabe awangeni la magoli okhuluma ngawo ukuba abadlali baphambili bamaka ngendlela.
“Esiswini khona lidlula kanjani ibhola bekhona abakhona? Asikho isidingo sokukhombana thina sodwa kepha kusemqoka ukuthi sihlanganise amakhanda ngokuthi sizokunqanda kanjani lokhu kugeleza kwamagoli.”
IChiefs ayikaphumeleli ukushintsha isimo ebikusona ngesizini edlule yize eka-2024/2025 iyiqale ngethimba labaqeqeshi elisha.
Akuyona nokho into abayifake emqondweni abadlali beChiefs ngokusho kukaBvuma kepha bona babheke ukuqhubeka nokusebenzela ukubuyisa isithunzi saMakhosi.
“Okwenzeke ngesizini edlule akuyona into esizixaka ngayo kepha kufanele sigxile ekulaleleni ukuthi yini efunwa nguNabi nethimba lakhe kithina.
“Okuningi kusekusha, kithina nasethimbeni labaqeqeshi kodwa kuzohlangana. Aseneme ngegebe elikhona phakathi kwethu namaqembu esiwabuka njengezimbangi kodwa ithuba lokulivala sinalo ngoba imidlalo isekhona,” kuqhuba lo nozinti.
Mayelana nomdlalo neStellies, uBvuma uthe: “Unzima umdlalo esiya kuwona ngoba iStellenbosch ngelinye lamaqembu enza kahle kulezi zinsuku kwiligi. Kunzima kunjalo kodwa imidlalo efana nalena iyona iChiefs okufanele izikhombise ngayo ukuthi ingobani.”