Mamelodi Sundowns (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
XOLILE MPISANE
IMamelodi Sundowns yengeze amanye amaphuzu amathathu emgodleni wayo inqoba iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli lokubika kulo mdlalo lishaywe nguLucas Ribeiro ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Lo mdlali usahamba phambili ngamagoli angu-12 kwiligi yakuleli.
Isitobha saseMozambique, u-Edmilson Dove siwuqalile umdlalo. Lo mdlali ubedlala okokuqala selokhu alimala ngesikhathi Amakhosi elungiselela ukuqala kwesizini eTurkey.
ISundowns iyona eligcine kakhulu ibhola esiwombeni sokuqala kodwa iChiefs iyona ethole amathuba amahle kuqala.
UMduduzi Shabalala wakhe amabhilidi esendaweni enhle ebhokisini, uPule Mmodi washaya into ebheke eceleni eqhamuka ngakwesokunxele.
Umqeqeshi waMakhosi, uNasreddine Nabi, kuphoqeleke ukuthi enze ushintsho ngomzuzu ka-26, efaka u-Ashley du Preez endaweni kaTashreeq Morris, olimalile.
Kuthe sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini amaBrazilian alugqobhoza udonga lweChiefs.
Ibhola elide lika-Asekho Tiwani lithole u-Iqraam Rayners, waligobela uRiberio. Lo mdlali udlule kuDove ngesitayela maqede wadedela ishodi alizwe ngendaba uBruce Bvuma.
Amakhosi azamile ukuthola igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili, kugqame uShabalala, Mmodi noDu Preez, kodwa bebehluleka uma sebefika ebhokisini.
AmaSandawana abesehlasela ngokuzuma, esebenzisa kakhulu uRibeiro, Rayners noTashreeq Matthews, ongene esiwombeni sesibili.
UBvuma usebenzile ngomzuzu ka-65 echiliza ibhola ebeligotshwe nguThapelo Morena, waphinde wavimba ishodi likaTeboho Mokoena.
Yonke imizamo yeChiefs yokuthola igoli iphelele emoyeni, iSundowns yanqoba umdlalo wayo ka-18 kwiligi kule sizini.
EzikaMiguel Cardoso ziqhwakele ngamaphuzu angu-54 emidlalweni engu-20. Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-19.
AmaBrazilian asezobhekana neLamontville Golden Arrows koweligi ngoLwesithathu. Amakhosi azobuyela enkundleni ngoLwesibili eyodlala oweligi neMagesi FC.
Komunye umdlalo weBetway Premiership obuseSeshego Stadium, iMagesi FC iguqise iSuperSport United ngo 1-0 ngephenathi kaMcedi Vandala.