UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uzinike isikhathi esanele sokucubungula imithetho yeCaf esetshenziswa emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenhloso yokugwema ihlazo lodumo lokudansela amahhala ngo-2011, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Lo mqeqeshi othembise ukulaxaza umsebenzi uma iBafana ihluleka ukuzibekisela indawo kwi-Afcon yangonyaka ozayo eMorocco, uzobe ehola leli qembu kowakusasa ka-Group K ne-Uganda.
EzikaBroos iqoqo zizolisonga ngokwamukela iSouth Sudan ngoNovemba 19, eCape Town Stadium, eKapa.
UBroos obekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo kuleli sonto eDobsonville Stadium, njengoba bekuqhubeka amalungiselelo ale midlalo uthe, ufisa ukuthi baqede konke ngeyokuhlunga kowakusasa eKampala.
“Kungabe siyaziphoxa uma singahluleka ukuzibekisela indawo kwi-Afcon ngoba kwedlule sibuye nendondo yethusi,” kusho uBroos.
“Ngeke iphele imizuzu emihlanu ngiphambi kwenu uma ngase iBafana ihluleke ukuzifaka eMorocco. Ngiyongena endizeni elandelayo ngibhekise amabombo eBelgium.
“Kuzoba nzima ukuwina kwi-Uganda ngoba izobe isekhaya kodwa nakhona ngicabanga ukuthi sinawo amava okubuya namaphuzu agcwele,” kusho uBroos.
IBafana ingazibekisela indawo emqhudelwaneni waseMorocco ngokuthola iphuzu e-Uganda kodwa lokhu kuncike ekutheni iCongo-Brazzaville ilahle amaphuzu kweyayo emibili eyisalele eqoqweni.
Uma iCongo ihluleka ukuyinqoba yomibili imidlalo eyisalele neSouth Sudan ne-Uganda ngokwahlukana, iBafana ingayithola indawo eMorocco, ngisho ingashaywa nayo kweyayo emibili esele.
I-Uganda iqhwakele ngamaphuzu angu-10 okuyenza ibengcono ngamabili kwiBafana esendaweni yesibili, bese kuba iCongo ngamane kweyesithathu.
Ibhuleki ibanjwe iSouth Sudan engenamaphuzu kwazise isayizwa ngendaba iwini ku-Group K.
Ngo-2011, iBafana kaPitso “Jingles” Mosimane, yazithambisa ibhekene neSierra Leone kowokuhlungela i-Afcon eyayizoba seGabon nase-Equatorial Guinea kanti inolwazi olungaqondile.
Okwakubusa iBafana ukuthi ukubambana neSierra Leone kuyayiweza kwazise yayingcono ngamagoli amabili kwiNiger, kanti imithetho yeCaf ibheka kuqala imiphumela uma amazwe ebhekene uma kwenzeka elingana ngamaphuzu.
UBroos uthembise ukuthi ngeke iBafana idansele amahhala kulokhu ngoba uyayiqonda imithetho.
“Ngizinike isikhathi ngazifundisa ngemithetho esetshenziswa kwiCaf ngoba nginolwazi lwento eyenzeka ngo-2011,” kusho yena.
“Amaphuzu amabili kule midlalo esele ayasiweza ngoba singcono kuneCongo uma sibhekene ngewini nokucazelana ngamaphuzu.
“Impoxo yokudansela amahhala yaseminyakeni edlule ngeke yenzeke ngaphansi kobuholi bami,” kuthembisa uBroos.