Usengene kolunye ubishi umqeqeshi, uLuc Eymael, okuvela ukuthi umiswe izinyanga eziyisithupha wusoseshini waseDemocratic Republic of Congo (DRC), i-The Congolese Football Federation (LINAFOOT), ngezinsolo zokusebenzisa amazwi anokucwasa ngokobuhlanga nenhlamba.
U-Eymael, oqashwe ngoSepthemba njengomqeqeshi weSt Eloi Lupopo, kuthiwa usebenzise amazwi anokucwasa ewabhekise kunozinti weBlessing FC abayihlule ngo 2-1 ngenyanga edlule. Umiswe izinyanga eziyisithupha, wahlawuliswa nemali engu-R36 200.
“Ngomzuzu ka-87, umdlalo wamiswa imizuzu emithathu kulandela ukukhononda kwabalandeli beBlessing FC ngenxa yegoli lesibili leSt Eloi Lupopo. Kungalesi sikhathi lapho umqeqeshi uLuc Eymael wavuka khona umbhejzane, wathuka futhi waphimisela amazwi anokucwasa kunozinti weBlessing FC, onondweba nekomiti leBlessing FC. Mayelana nonozinti u-Arma Latoleya, wambiza nge-”Negrus“ wabiza onompempe namalungu ekomiti leBlessing ngama-”Wholes“. Ngokombiko kanompempe kuhlale obala ukuthi umqeqeshi uLuc Eymael wephule imithetho yezemidlalo ngokucwasa ngokobuhlanga onompempe namalungu ekomiti leBlessing ngokuwabiza ngama-Wholes nonozinti u-Arma Latoleya ngokumbiza ngeNigro.” kusho isitatimende seLINAFOOT.
U-Eymael sekuvele ukuthi ufuna ukusiphikisa isinqumo salo soseshini, athe sithathwe enganikezwanga ithuba lokuziphendulela.
U-Eymael, owawina iNedbank Cup neFree State Stars ngo-2018, akaqali ukuthinteka ezinsolweni zokucwasa. Ngo-2020, waphelewa wumsebenzi kwiYoung Africans yaseTanzania kulandela ukuzwakala kwezwi lakhe eliqoshiwe ebiza abalandeli baleli qembu ngezinja nezimfene ezimemezayo emuva kokuthi bezwakalise ukungenami ngezinguquko azenza emdlalweni. Nakuba akuphika lokhu kodwa sagcina singashintshanga isinqumo seYanga. Ngo-2021, kwasuka umsindo eMzansi ngesikhathi eqashwa yiChippa United njenge-Technical Adviser emuva kokuxoshwa kukaDan Malesela. Usihlalo weChilli Boys, uSiviwe Mpengesi wagcina ekuhoxisile ukumqasha nakuba ayesemethulile kwabezindaba.