UNETHEMBA lokuthi bazoqhubeka lapho begcine khona ngesikhathi beguqisa iSouth Korea ngo-3-2 uma sebedlala umdlalo wabo wokugcina wamaqoqo kwiNdebe yoMhlaba ukaputeni weGhana, u-Andre Ayew.
Ngemuva kokuthelwa phansi yiPortugal ngo-3-2 emdlalweni wokuqala kuGroup H, iBlack Stars ibuyise ithemba lokuthi isengakwazi ukudlulela kwiLast 16 ngokwehlula iKorea ngo-3-2 e-Education City Stadium, ngoMsombuluko ntambama.
Kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngamagoli kaMohammed Salisu noMohammed Kudus kodwa aphenduka amatafula esiwombeni sesibili, uCho Gue-sung, eshayela iKorea amagoli amabili asheshayo.
Nokho, iqembu lika-Otto Addo ligcine liwathathe womathathu amaphuzu ngemuva kokuthi uKudus evalele igoli lesithathu baphinde bakwazi ukuvimba iKorea ebisingena iphindelela izama ukuthola igoli lokulinganisa.
“Ngiyakholelwa kakhulu kubadlali bethu abahlaselayo. Uma ngibona uJordan (Ayew), Inaki (Williams), (Mohammed) Kudus kanye nami enkundleni ngiyazi ukuthi amagoli angaqhamuka noma yinini. Yingakho ngingatatazelanga ngesikhathi iKorea ishaya igoli layo lesibili," kusho u-Ayew, ekhuluma ne-website, iFifa Plus, ngemuva komdlalo.
“Womabili amaqembu abehlose ukuwunqoba umdlalo. Asizange siyeke ukuhlasela, nabo kanjalo. Okusijabulise kakhulu ukuthi kulo mdlalo sikwazile ukusebenzisa amathuba ethu. Umqeqeshi ubesicelile ukuthi uma sisebhokisini sizenzele umsebenzi ube lula.
"Abadlali basemuva nabo balwe ngendela emangalisayo, ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo lapho bekhiphe khona inqwaba yamabhola abeyingozi.
"Iqembu belibumbene futhi siwathole kufanele amaphuzu amathathu."
Lo mphumela ushiye iBlack Stars endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili.
IPortugal iqhwakele ngamaphuzu ayisithupha futhi isizibekisele indawo kwiLast 16, kanti iSouth Korea ne-Uruguay balandela emuva ngephuzu iqembu ngalinye.
Kuzocaca ngoLwesihlanu ntambama ukuthi yiliphi elinye iqembu elizodlulela kweyomkhumulajezi kuleli qoqo.
ISouth Korea izotholana phezulu nePortugal, iGhana idudulane ne-Uruguay.
Umdlalo weBlack Stars ne-Uruguay uzobe ufana nowamagqubu njengoba leli qembu lase-Afrika, lisenegqubu lukhishwa kuma-quarterfinal yileli zwe laseSouth America, kwiNdebe yoMhlaba yango-2010.
Iphuzu lingayibeka iBlack Stars kwiLast 16 uma iKorea ingayihluli iPortugal kodwa u-Ayew akafuni balahle umgqigqo wokunqoba.
"Kudingeka sigcine umoya wokunqoba, siqhubeke nokuzinikela futhi sizame ukwenza izinto zenzeke njengoba senzile kulo mdlalo neKorea," uqhube kanje.
"Lo mqhudelwano unzima futhi sesibone izinto eziningi ezimangazayo, akulula ukuqagela ukuthi kungenzekani. Sijabule ngokuthi sizibuyisele emjahweni wokungena kwiLast 16."
IGhana yaqala ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2006, yafinyelela kwiLast 16 eGermany. Ngo-2010, yakhishwa kuma-quarterfinal eNingizimu Afrika kanti ngo-2014 ayidlulanga esigabeni samaqoqo eBrazil.