IZIKHATHI ezinzima njengalezi AmaZulu FC azithola ebhekene naso kwiDStv Premiership yizona ezicacisayo ukuthi yibaphi abadlali okubafanele ukuqhubeka nokuba ingxenye yeqembu nalabo okufanele bakhululwe ngaphambi kokuqala kwamalungiselelo esizini ezayo.
Lawa ngamazwi ka-Ayanda “Cobra” Dlamini, obambe esokuqeqesha kuSuthu, awasho ngempelasonto kulandela ukuguqa kweqembu lakhe ngo-1-0 kwiLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Usuthu lusalelwe umdlalo wokusonga isizini ekhaya ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.
Lungcono ngamaphuzu amane kwiMaritzburg United, Chippa United neMarumo Gallants bobathathu okubhekwe ukuthi avele kubona ozogencwa yizembe naloyo ozokuya kweyokuhlunga neCasric Stars FC neCape Town Spurs, okungamaqembu aqede endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.
UDlamini utshele abezindaba abebembuza ngamathuba eTop 8 ukuthi ubheke ukunqoba kwiPirates, hhayi okunye.
Ngezansi koSuthu kwi-log kukhona iRichards Bay FC enamaphuzu angu-32 okuzitolika ngokuthi Usuthu lusengaqeda endaweni yesine uma usuka emsileni uma luphikwa imiphumela ngosuku lokugcina.
“Okusobala ngesizini yethu yonke ukuthi sizenzele phansi isikhathi esiningi, sigcina sidlala ngokulingana kufanele siwine kwesinye isikhathi, siwalahle wonke amaphuzu kungafanele,” kusho uDlamini kwabezindaba.
“Isimo esikusona kufanele kube yisona esisisebenzisayo ukubona ukuthi yibona baphi abadlali okubafanele ukuba seqenjini nokuyibona futhi okufanele siqhubeke ngabo.
“Nalaba okusobala ukuthi ngeke ubathembe kangako uma uzoya nabo empini, ubakhulule ukuze kuthi kushaya isikhathi sokuqala amalungiselelo esizini entsha isikwati sakho sibe sesibunjwe ngabadlali owaziyo ukuthi uzobadinga ukuze iqhinga onalo ngeqembu lisebenze ngendlela,” kusho lo mqeqeshi onikwe iqembu kulandela ukususwa kukaRomain Folz.
Mayelana nomdlalo we-Arrows, uDlamini uthe ukholelwa ekutheni yibona obekufanele bawaqoqe egcwele amaphuzu.
“Angikhumbuli unozinti wethu evimba amabhola anzima ngaphandle kwegoli. Sibheke iPirates manje, hhayi iTop 8 kodwa okusemqoka ukuthi singazixaki ngeminye imiphumela kodwa siqinisekise ukuthi senza okufanele sikwenze kowethu umdlalo,” kuphetha uDlamini.