AMAPHAPHU aphansi kumqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, nakuba behleli endaweni eyingozi kwi-log yeDStv Premiership.
IStellies ibhubhudlwe yi-Orlando Pirates ngo 4-0 e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama, okwenze yahlala endaweni ka-15 ngamaphuzu awu-17, emidlalweni ewu-18.
Inamaphuzu amabili ngaphezu kweMarumo Gallants esemsileni kanti ibambene neSwallows FC esendaweni ka-14.
“Yisikhathi esinzima kithina kodwa sesike sabhekana nesimo esinje. Siyakwazi okufanele sikwenze. Siyazi ukuthi singaphuma kanjani obishini ngakho asikho isidingo sokuthi sitatazele,” kuchaza uBarker.
"Uma niqala ukwethuka izinto zivele zibe zimbi kakhulu. Siyasazi isimo futhi sikhathazekile kodwa sidinga ukuthola izixazululo. Ngendlela engibona ngayo asikho isidingo samatata."
IStellies iqede endaweni yesine ngesizini edlule kodwa uBarker ukholelwa ekutheni ukulahlekelwa ngabadlali abaphambili kube nomthelela ekutheni izinto zingahambi kahle kule sizini.
U-Ashley du Preez noZitha Kwinika bathengwa yiKaizer Chiefs, kwathi umgadli waseVenezuela, uJuan Carlos Ortiz, walimala edolweni.
"Sizuze okungaphezu kwalokho obekulindelekile ngesizini edlule ngokuqeda endaweni yesine. Bekuyisizini encomekayo kakhulu. Siphuthelwe ukudlala emqhudelwaneni weCaf ngenxa yesibalo samagoli," uchaze kanje.
"Bekuwukuphela kwesikhathi seminyaka emithathu ebesinezinhlelo ezithile ngayo. Sidedele abadlali abesebekhulile kodwa ngeshwa salahlekelwa ngabadlali ababili abamqoka, u-Ashley du Preez noZitha Kwinika.
"U-Juan Ortiz walimala emdlalweni wokugcina wesizini sidlala neCape Town City futhi akakaze adlale kusukela lapho. Akusikhona ukuthi asisazimisele, kumele njengeqembu sikwazi ukubhekana nale ngcindezi."
Iqembu likaBarker seligijime emidlalweni eyisishiyagalolunye yeligi ilandelana kepha linganqobi. Lihlulwe kwemihlanu ladlala ngokulingana kwemine.
Nokho, umqeqeshi usenethemba lokuthi bangawaphendula amatafula uma sebebhekene neCape Town City ngoLwesihlanu ngo-7:30 ebusuku, eDanie Craven Stadium.
"Sesiside isikhathi singanqobi kodwa noma kunjalo maningi amathuba okuthi uthole iwini. Awukho umdlalo ongcono wokwenza lokho odlula lo womkhaya eDanie Craven," kusho uBarker.
"Sijwayele ukwenza kahle uma sibhekene neCape Town City futhi ngilindele umdlalo omkhulu ngoLwesihlanu. Ngiyethemba ukuthi sizoguqula isimo sethu sithole iwini ngoba yilokho esikudingayo njengamanje," uphethe kanje.