UMDLALI wasemuva kwiRoyal AM, uThabo Matlaba, uthi kusezandleni zabo bengabadlali ukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu labo liyabambelela kwiTop 8 kuze kube ukuphela kwesizini ka-2022/23 yeDStv Premiership.
UMatlaba (35), ungomunye wabadlali abamqoka nabanamava iRoyal AM ethembele kubo ekwenzeni izinto zenzeke kule midlalo emibili yePremiership esele, okungoweSwallows FC neRichards Bay FC.
IThwihli Thwahla idudulana neSwallows, eChatsworth Stadium, eThekwini, namuhla ngo-3 ntambama.
I-AM esendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership isizabalazela ukuzimelela unomphela kwiTop 8 eyisango lokuyodlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo.
Ngesifanayo nakwiSwallows esendaweni yeshumi, esike yazithola ivika izembe muva nje kodwa manje esilwela iTop 8.
"Ukulahla kwethu amaphuzu emidlalweni yakamuva yikho osekusibeka kulesi simo esikuso njengamanje, sokuthi silwele ukungaphumi kwiTop 8 esikhundleni sokulwela ukuqeda okungenani kwiTop 4.
Ukubuya kwethu nephuzu emdlalweni wethu nePirates (Orlando) ekuhambeni kwenze umehluko, sakwazi ukubuyela kwiTop 8, esesikulwela-ke manje wukuthi singasaphumi (kwiTop 8)," kusho uMatlaba.
"Ngakho-ke, yomibili le midlalo esele isifana neyanqamu okufanele siyiwine kumnyama kubomvu, ukuze sidlale kwiMTN 8 ngesizini ezayo ngoba iqembu elinjenge-AM likufanele ukudlala kwiMTN 8 kuwo wonke amasizini.
“Sekusezandleni zethu singabadlali ukwenza isiqiniseko sokuthi iqembu alisasuki kwiTop 8. Lo mdlalo esiyowudlala neSwallows ngeke ube lula neze. Siyakwazi lokho. Kodwa kufanele siwuwine ikakhulukazi njengoba sidlalela ekhaya.
“Siyazi beza kulo mdlalo benokuzethemba emva kokushaya kwabo iChiefs (Kaizer Chiefs) kodwa sinalo iqhinga lokubhekana nabo ukuze sigweme ukushaywa yinduku efana nethole Amakhosi," kusonga uMatlaba.
IThwihli Thwahla ngesizini eyedlule imangaze abaningi iqeda isizini isendaweni yesithathu kwi-log yePremiership ekubeni bekuyisizini yayo yokuqala kulesi sigaba. Inenselelo yokuqeda kwiTop 8 nakule sizini, yize ingeke isafinyelela maphezulu ne-log njengakwisizini edlule.
NgoLwesithathu olwedlule ibuye ngemizuzu yokugcina ibambana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates, iZinyoni zona zavulela isibhaxu sika 2-1 kwiChiefs, zawashabalalisa unomphela amathemba aleli qembu laseNaturena lokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League.
Imidlalo yeDStv Premiership - Namuhla ngo-3pm:
Royal AM v Swallows (Chatsworth Stadium); Cape Town City v Richards Bay (Athlone Stadium); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium); Maritzburg United v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium); TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium); Supersport United v Kaizer Chiefs (Royal Bafoken Stadium); Golden Arrows v AmaZulu FC (Princess Magogo Stadium)