UKUTHATHWA njengamathofi kweMagesi FC njengoba iqala ukudlala esigabeni esikhulu, yikhona umqeqeshi wayo, uClinton Larsen, akusebenzisela ukuhlohla abadlali bakhe njengoba ethembise ukwenza kowe-quarter-final yeCarling Knockout abazoyigijima ne-TS Galaxy ngeSonto ngo-3 ntambama, eMbombela Stadium.
ULarsen ukusho lokhu kulandela ukucazelana ngamaphuzu kweMagesi neKaizer Chiefs kuba u 2-2 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium.
IMagesi okuyisizini yayo yokuqala esigabeni esikhulu kulandela ukudla kwayo isicoco seMotespe Foundation Championship ngesizini edlule, ibamba iChiefs nje, iyona ekhiphe i-Orlando Pirates kwiCarling njengoba ilungisela ukubhekana neGalaxy kulo mqhudelwano.
Lo mqeqeshi waseThekwini uthe sebekujwayele ukuthathwa kancane yingakho nakwiGalaxy beya bekuqonda kahle ukuthi akubhekwe lutho kubona.
“Sekucacile ukuthi kuyo yonke imidlalo esiya kuyona kusukela sifike esigabeni esikhulu sisuke singanikwe lutho ngakho-ke ngisebenzisa lokho ukuze ngihlohle abadlali,” kusho uLarsen.
“Akukhathalekile noma-AmaZulu FC, Lamontville Golden Arrows noma iGalaxy esiya kuyona ngeSonto, kusuke kubhekwe ukuba sikhale ngaphansi ngakho-ke siyakugqoka lokho.
“Okuhle kulokhu ukuthi sizoba nezinsuku ezine ukulungiselela iGalaxy engicabanga ukuthi kuzoba ngcono kakhulu kunamahora esiwathole ukuhlelela iChiefs.
“OweChiefs bekungowethu wesithathu ezinsukwini eziyisikhombisa ngakho-ke uma ubheka esikwenzile kufanele sishayelwe ihlombe ngoba isikwati sethu sizacile uma usiqhathanisa nezamaqembu ebesibhekene nawo kwedlule.
“Sidlale neChiefs ngoLwesithathu, besinomdlalo ngeSonto sabuyela ekhaya entathakusa ngoMsombuluko.
“Ngakolunye uhlangothi iChiefs idlale ngoMgqibelo odlule yaphumula kwaze kwaba uLwesibili ngakho-ke kusobala ukuthi ubani obekufanele adlale kangcono.
“Besikuhlelile ukuyiphuthuma iChiefs ngoba sazi ukuthi imilenze yabadlali bethu izohamba ikuveze ukuthi abazange baphumule ngokwanele nangempela kwenzeka.
“NakwiGalaxy sizoya ngomqondo ofanayo ngoba asinaso isikwati esibanzi ngokwanele ukumelena nokuthothana kwemidlalo okumele siyidlale,” kusho lo mqeqeshi.
ULarsen uthe ukhuluma ngale ndlela nje, yingoba ukholelwa ekutheni iChiefs isindiswe ukufika emdlalweni weMagesi iphumule kangcono kunaleli qembu laseLimpopo elilokhu liziveze njalo ukuthi alizele ukuzokwandisa isibalo esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL).