UMQEQESHI weGhana, uChris Hughton, ubavikele abadlali bakhe ngemuva kokuba leli qembu liphinde lalahla amaphuzu libambana ngo 2-2 ne-Egypt emdlalweni kaGroup B we-Africa Cup of Nations, ngoLwesine, eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan.
IGhana idlale kangcono kakhulu kulo mdlalo uma kuqhathaniswa nomdlalo wayo wokuvula lapho iguqiswe khona yiCape Verde ngo 2-1 kungalindelekile.
Phezu kokuba isihlabani seGhana uMohammed Kudus sivalele phakathi amagoli amabili kulo mdlalo kodwa amaphutha enziwe u-Inaki Williams no-Osman Bukari odongeni lwasemuva angenise amanzi endlini, avumela i-Egypt ithole amagoli okulinganisa ikade ilandela ngemuva.
Amagoli ka-Omar Marmoush noMostafa Mohamed yiwona alamulele i-The Pharaohs kwiBlack Stars ebimuka nabo kulo mdlalo, yagcina bekwazile ukuthola iphuzu.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo, uHughton uthe kumkhathazile ukubona iqembu lakhe libuya nephuzu kulo mdlalo walo ne-Egypt phezu kokuba lidlale kahle.
Uncome ukuzinikela nokulwa okukhonjiswe ngabadlali bakhe, egcizelela ngokuthi akekho azomkhomba ngenjumbane ngokwehluleka kweqembu ukunqoba umdlalo.
“Impela khona kuyakhathaza kakhulu ukubuya nephuzu ngoba ngicabanga ukuthi bekufanele siwunqobe lo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi weBlack Stars.
“Engikucelile kubadlali bami ngemuva komdlalo wethu neCape Verde wukuthi badlale kangcono kakhulu emdlalweni olandelayo.
Bakhombise ukuzinikela okukhulu kulo mdlalo benza konke okusemandleni ukuwunqoba lo mdlalo, ngakho akekho umdlali engimsolayo.”
Lo mphumela ubeka iGhana engcupheni yokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano njengoba isathole iphuzu kuphela emidlalweni emibili kuGroup B. Lokhu kusho ukuthi kuzofanele ilwele ukunqoba kumnyama kubomvu emdlalweni wayo wokugcina wesigaba samaqoqo uma isibhekene neMozambiqu ngoMsombuluko.
Kanti nakuyona i-The Pharaohs, itshe limi ngothi njengoba isaqoqe amaphuzu amabili kuphela, nosekuyifakele ingcindezi yokunqoba kumyama kubomvu emdlalweni wayo wokugcina wesigaba samaqoqo neCape Verde ngawo uMsombuluko.