UKUNGABI incwadi evaliwe kwamaqembu azodudulana neRichards Bay FC emidlalweni yokuhlunga kwenza umqeqeshi, uVusimuzi Vilakazi, aye kule midlalo enethemba lokuthi abafana bakhe bangawenza umsebenzi odingekayo ukuze bahlenge igunya leqembu lokudlala kwiDStv Premiership.
Nakuba iNatal Rich Boys isonge isizini yeDStv Premiership ngokuqoqa amaphuzu amathathu ihlula iStellenbosch FC ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium kodwa ihlulekile ukugwema imidlalo yokuhlunga ezobhekana kuyona neBaroka FC ne-University of Pretoria okungamaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship.
IBay inqobe kwiStellies inganikwe lutho, ngamagoli kaNtsako Makhubela noYonela Mbuthuma. Izivakashi zothole elokubika elishaywe u-Iqraam Rayners.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, uVilakazi uzwakale njengomqeqeshi osenalo iqhinga leyokuhlunga kodwa futhi konke kulele emakhanda abadlali.
“Okusobala ukuthi imidlalo yokuhlunga ngeke ibelula ngakho-ke kusukela manje umsebenzi uzogxila ekuqinisekiseni ukuthi abadlali bayilungele le midlalo ngokomqondo,” kusho uVilakazi.
“Okuhle ukuthi asisakhulumi ngendaba yezembe kepha simelwe ithuba lokuhlenga imisebenzi yethu neminye eminingi exhumene naleli qembu.
“Siyayazi iBaroka namaTuks ukuthi badlala kanjani kanti nabo bayasazi okuzitolika ngokuthi impi izoba semqondweni ngoba kuzoya ngokuthi ilona liphi iqembu eliwufuna kakhulu kunamanye umphumela odingekayo.
“Okufanele kudume emakhanda abafana ukuthi abakwazi ukwenzela phansi yonke le mindeni ezophelelwa isinkwa uma iBay ingekho esigabeni esikhulu.
“Kusukela ngifikile bekuseqhulwini ukudlulisela kubadlali umyalezo kasihlalo obheke ukuthi sigcine igunya leqembu lokudlala esigabeni esikhulu.
“Ngizishaya isifuba ngendlela bonke (abadlali abadala nabancane), abebezinikele ngayo kusukela ngifikile kuze kube imanje.
“Ngiyaziqhenya futhi ngokuthi bonke ngokwahlukana kwabo ngibenze bazibona ukuthi bamqoka kangakanani ekukhuleni kweqembu.
Kusukela ngeSonto, iBaroka, amaTuks neBay bazobanga indawo eyodwa esigabeni esikhulu ngemidlalo yokuhlunga ezosongwa ngoJuni 15.
IRichards Bay izoqala ekhaya ngoLwesithathu (Juni 5) lapho izokwamukela khona amaTuks enkundleni esazomenyezelwa.
“Ngicabanga ngisho ukubethusa abadlali ukuze ngizoba nesiqiniseko sokuthi imiqondo yabo ihleli kule midlalo ngoba ngeke ibelula.
“Inkinga enkulu ukuthi sibhekene namaqembu akulambele ngaphezu kwethu ukudlala esigabeni esikhulu ngakho-ke uma sizithambisa sizophaphama sekonakele.
“Kufanele bakuqonde ngaso sonke isikhathi ukuthi leli yithuba lethu lokuhlenga imisebenzi yethu,” kuphetha uVilakazi.