YIZE ekuvuma ukuthi iseyinde indlela umqeqeshi waMaZulu FC, uVusumuzi Vilakazi, akangabazi ukuthi leli qembu lizoqeda endaweni engcono kakhulu kwi-log yeBetway Premiership ekupheleni kwesizini.
UVikakazi oqeqesha ngokubambisana no-Arthur Zwane, usho kanje ngemuva kokuba ezakhe zibuye namaphuzu amqoka ekuhambeni zishaya iCape Town City ngo 1-0 emdlalweni wePremiership ngeSonto, eCape Town Stadium, eKapa.
Ukunqoba kwaMaZulu, okubukeka eseqala ukuwuthola umgqigqo ngaphansi kukaVilakazi noZwane, kuwasuse endaweni ka-15, anyukela kweka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyishumi.
“Sizolokhu siqhubekile nokusebenza kanzima nasemidlalweni elandelayo. Ngaphambi kokunqoba kwethu lo mdlalo besihlezi ekugcineni (empeleni endaweni ka-15). Kudingeke ukuthi sisebenze kanzima ukuze sizibone sisendaweni ehloniphekile.
“Namanje asijabule ngendawo esihleli kuyona kodwa sizosebenza ukuya phambili,” kusho uVilakazi.
“Nakanjani emdlalweni wethu olandelayo sizobe sibheke ukuthola amaphuzu aphelele futhi sizobe sidlalela ekhaya. Kuseva ukuthi sesingaqala sithi sijabule ngoba iseyinde indlela. Nokho, nakanjani ekupheleni kwesizini sifuna ukuzibona sisendaweni ehloniphekile.”
USuthu lushaya i-The Citizens nje, belubuya esibhaxwini sika 1-0 obelusithole kwiMamelodi Sundonws ngeledlule. Emuva kwalowo mdlalo uVilakazi ukubeke kwacaca ukuthi iSundowns ayibashayanga ngoba ingcono kakhulu kunabo kodwa ngenxa yamaphutha abo.
Kubukeka AmaZulu ewalungisile amaphutha. Asenqobe imidlalo emithathu ngaphansi kukaVilakazi, noZwane. Kulindeleke ukuthi aqhubeke nomgqigqo uma esebhekene neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.