Bafana Bafana (1) 2
Uganda (0) 2
IBAFANA Bafana ibuye sekuvalwe amehlo ngemizuzu yokugcina ibambana ne-Uganda emlenzeni wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 kaGroup K, obudlalelwa e-Orlando Stadium, eSoweto.
Nakuba iBafana kuyiyona ebone ipali kuqala ngegoli likaLyle Foster alishaye ngomzuzu ka-14 wesiwombe sokuqala, kodwa i-Uganda ibuye ingasadle nkobe zamuntu ngesiwombe sesibili, yavalela phakathi amagoli amabili alandelane eduze okube yizimbumbulu zamashodi ezidudulwe ngaphandle kwebhokisi nguDenis Omedi ngomzuzu ka-51 okube elokulingania, noRogers Mato ngomzuzu ka-53.
Nokho, uThalente Mbatha waKwaMashu, obengene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili, obedlala okokuqala eqenjini lesizwe ulamulele iBafana eshaya igoli ngomzuzu ka-90 sekusele amanenjana esikhathi esengezwe ngunompempe, eqedela ibhola ebeligotshwe ngu-Aubrey Modiba. Empeleni uMbatha noRelebohile Mofokeng, bangene nomkhulu umnyakazo kulo mdlalo usucwila umkhumbi, phambi kwezinkumi zabalandeli abebephume ngobuningi uzokweseka iqembu lesizwe.
Esikimini seBafana esiqale umdlalo okusheshe kwaqapheleka ukuboshelwa ezintini kukanozinti, uVeli Mothwa, yize bekulindeleke kuqale uSipho Chaine osefomini enhle kulezi zinsuku eqenjiini lakhe i-Orlando Pirates emidlalweni yeMTN 8 neyeCaf Champions League. UMothwa ubengakadlali nowodwa umdlalo njengoba iqembu lakhe AmaZulu FC ezodlala okokuqala kule sizini ka-2024/25 yeBetway Premiership ezoqala ngesonto elizayo.
Ukuba buthuntu kukaMothwa ngenxa yokungadlali kuhlale obala kulo mdlalo edliwa ngamabhola obekungafanele amudle, ikakhulukazi elesibili ebeliqonde ngqo kuye kodwa wagila imikhuba elichilizela enethini.
IBafana izithola ibhekene nenkinga ezintini nje, usalulama unozinti wayo wokuqina, uRonwen Williams osanda kuqokelwa umklomelo ohlonishwayo emhlabeni, iBallon d’or.
Yize ngesiwombe sokuqala iBafana kuyiyona ebikhombisa ukuba phezudlwana ngomdlalo, kodwa ukulahla kwayo amathuba amaningi okubhakuzisa inethi, okubalwa nohlaba udle ohlule u-Oswin Appollis esebhekene nobuso bamapali, kodwa ngesiwombe sesibili i-The Cranes ibuye ngolunye unyawo njengoba kuyiyona ebisikhombisa ukuba yingozi uma iya phambili futhi sekucaca ukuthi abagadli baleli qembu sebebubonile ubuthaka bukaMothwa ezintini sebekhahlela bekude.
Ukudlala ngokulingana kweBafana kulo mdlalo sekuyiphonsele inselelo yokuthi ibuye namaphuzu aphelele emdlalweni wayo olandelayo neSouth Sudan, ngoLwesibili eJuba Stadium, eJuba, ukuze ikwazi ukuzibeka endaweni engcono ngokwamaphuzu kuGroup K eboshelwe kuwo neCongo, Uganda neSouth Sudan.
Leli qembu eliqeqeshwa nguHugo Broos litibuliswa yi-Uganda nje belisanda kushaya into ecokeme kwi-Afcon ngoFebhuwari, e-Ivory Coast, lapho libuye khona nendondo yethusi.