NAKUBA iKaizer Chiefs ikhiphe isitatimende ngempelasonto edlule lapho ebiqinisekisa ukuthi uzomenyezelwa maduze umqeqeshi wayo omusha, isifo esivele emndenini wasebukhosini baseMorocco singase sikuhlehlise lokhu.
Bekulindeleke ukuthi iCheifs imemezele, uNasreddine Nabi waseTunisia, njengomqeqeshi wayo omusha kodwa lokhu bekuzokwenzeka emuva kweThrone Cup obekumele idlale namuhla ntambama.
Iqembu laseMorocco eliqeqeshwa uNabi, i-AS FAR likowamanqamu walo mqhudelwano ohlelwa ebukhosini bakuleliya lizwe ophinde uhanjelwe cishe umndeni wonke (wasebukhosini).
Ngokwezinhlelo ngaphambi kwesifo, i-AS FAR ibizodudulana neRaja Casablanca kowamanqamu namuhla kodwa lokhu kubukeka kungeke kusenzeka kulandela ukudlula emhlabeni kukamama wenkosi ebusayo kuleliya lizwe uMohammed VI.
Lokhu kungase kuziphazamise kuziqede izinhlelo zeChiefs zokwethula uNabi kubadlali ngesonto elizayo.
Kusukela kuvele lesi sifo, indlu yasebukhosini baseMorocco imemezele isikhathi sokuzila ezweni lonke.
Lokhu kuvamise ukulandelwa ukumiswa kwayo yonke imicimbi ebihleliwe okwenza kube nongabazane ngokuthi iThrone Cup izoqhubeka noma cha.
Ngokwemibiko engaqiniseskisiwe nokho uNabi useqede konke neChiefs kodwa ngeke awuqale umsebenzi engakaqedi lokhu azibophezele ukukwenza ngaphambi kokushiya kwi-AS FAR.
IChiefs imemezele ngoMgqibelo ukuthi imatasa icentela umqeqeshi omusha indlela njengoba isiqalile ukukhuculula.
Amakhosi aqinisekise umgadli waseColombia, uJasond Gonzalez, nomqeqeshi wonozinti, uRainer Dinkelacker, njengabalandela oKeagan Dolly, Njabulo Ngcobo, Sinethemba Sithembe noSifiso Hlanti, endleleni ephumayo eNaturena.
Abaphathi beChiefs bakwamukele kulesi sitatimende sangoMgqibelo ukuthi iqembu lishaye udaka ngendlela engachazeki ngesizini edlule ingakho besukumela phezulu.
Kusona lesi sitatimende bakwamukele nokuthi usizi lwendlala yezinkomishi oselubhuqe abalandeli babo asebawe bevuka nabo iminyaka ecela kwengu-10, alubahleli kahle abaphathi.
IChiefs iwaqale ngoMsombuluko odlule amalungiselelo ayo okuzicijela ukuqala kwesizini entsha.
Umsebenzi uqhubeka nephini likaNabi, uFernando Da Crus, obambisene noMedji Safi, obhekele ukuba qatha ngokwanele kwabadlali no-Ilyes Mzoughi, oqeqesha onozinti.