Royal AM (0) 0
TP Mazembe (1) 1
IROYAL AM ihlulekile ukuzifaka esigabeni samaqoqo seCaf Confederation Cup ngesikhathi igingqwa yiTP Mazembe ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
EzikaShauwn "MaMkhize" Mkhize zihluleke zancama ukugqobhoza udonga lwaleli qembu laseDemocratic Republic of Congo, zabhuqwa ngo 3-0 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili.
Bezivele zingene kulo mdlalo zinesikweletu samagoli amabili ngemuva kokudliwa ngo 2-0 emlenzeni wokuqala eLubumbashi ngesonto eledlule.
IThwihli Thwahla ikhombise zibekwa ukuthi iyawafuna amagoli, ilithunga kahle esiswini. Ithuba lokuqala kube yi-freekick ethunyelwe nguMfundo Thukazi ebhokisini, uRicardo Nascimento wayibeka eceleni kwepali ngekhanda
Ngomzuzu ka-30 kusebenze unozinti weMazembe, uSiadi Baggio, ephebeza ibhola elibi ebelithunyelwe nguMxolisi Macuphu eqethuka ebheke ngakubo.
Lo nozinti uphinde waba yiqhawe eqenjini lakhe ngomzuzu ka-36 evimba amabhola ayingozi amabili elandelana. Uqale wachitha elikaThikazi abelikhahlele eseduze, wavuka wazithatha waphebeza nebelishaywe nguMokete Mogaila ekude.
Kulibhedele iqembu lasekhaya ngomzuzu ka-43 ngesikhathi uBossu Nzali ezithola ebhekene nonozinti weRoyal AM ngemuva kokuphaselwa nguMondeko Zatu, wangalenza iphutha walinamathisela enethini.
Leli goli belichaza ukuthi ezikaMaMkhize besezidinga ukuhlohla amagoli amane esiwombeni sesibili ukuze zidlulele esigabeni samaqoqo.
UNzali bekumele ayicishe nenhlansi yokuthi iThwihli Thwahla ibisangabuya kulo mdlalo ngomzuzu ka-52 ngesikhathi ephinde ebhekana nonozinti weRoyal AM, uZakahle Ngcobo, kodwa kulokhu ibhola lakhe liceze kancane epalini.
Iqembu lasekhaya belisazama ukuhlasela kodwa konakale selifika ebhokisini, kuchwaze abalandeli beMazembe abebefike ngobuningi babo.
Kweminye imidlalo yalo mqhudelwano, iMarumo Gallants ingenile kweyamaqoqo ibhudluza i-Al Ahly yaseLibya ngo 3-0 eRoyal Bafokeng Stadium. IBahlabane Ba Ntwa inqobe ngo 3-1 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili.
ICape Town City ikhishwe yi-USM Alger yase-Algeria ngo 1-0. Umlenze wokuqala eKapa ubuphele zibambene ngo 0-0.