Polokwane City (1) 2
AmaZulu FC (1) 1
AmaZulu FC avule ngesibhaxu ekuhambeni emdlalweni wawo wokuqala wesizini ka-2024/2025 yeBetway Premiership eshaywa yiPolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli laMaZulu, okuyiwona abone ipali kuqala, lingqofelwe phakathi ngumgadli u-Etiosa Ighodaro ngesiwombe sokuqala. Elokulinganisa lePolokwane langqomfelwa phakathi yisitobha uBuleleni Nikani ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala. UThabang Matuludi ushayele iRise And Shine elokuwola amaphuzu ngomzuzu wokugcina womdlalo.
Okuqaphelekile esikimini saMaZulu esiqale umdlalo wukuba sezintini kukaVeli Mothwa ongukaputeni wokuqina waleli qembu ogxekwe kakhulu ngesonto eledlule eqenjini lesizwe, iBafana Bafana lapho khona engabanga nomdlalo ngesikhathi elakuleli libhekene ne -Uganda kowokuhlungula i-Africa Cup of Nations.
AmaZulu yiwona abehlasela ngamandla futhi akha amathuba amaningi okushaya amagoli, kubhoke uRowan Human noCelimpilo Ngema beyichathaza esiswini. Ashaye inethi kuqala ngesikhathi u-Ighodaro engqomfela phakathi igoli ngomzuzu ka-30 ngemuva kwebhola ebeligotshwe nguRiaan Hanamub obeqhamuke eshoshela ngasohlangothini lwesokunxele.
Leli bekuyigoli lokuqala lika-Ighodaro obolekwe ngaMaZulu kwiMamelodi Sundowns.
IPolokwane iphumelele ukuthola igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-45 ngemuva kwesikhathi esengezwe ngunompempe sekusele kancane ziye ekhefini. Ibhola ebeliyi-free kick kaCole Alexander abeyishaye ngobuchule ngakwesekudla ngaphandle kwebhokisi, lihlangane nekhanda likaNikani, walizwa ngendaba uMothwa kwaba ngu 1-1.
Yize iPolokwane ibilokhu ikhombise njalo ukuba yingozi uma iya phambili kodwa AmaZulu yiwona abelokhu eqhubekile nokuba ngaphezulu ngomdlalo kodwa ehluleka ukushaya igoli lesibili. Nakuba Usuthu belungawunqoba lo mdlalo ngokwamathuba eliwatholile kodwa iphutha elenziwe nguMothwa ngomzuzu wokugcina ligcine lilahlekisele leli qembu ngamaphuzu amqoka.
UMothwa uphinde adume ngazo ebamba ededela ibhola ebeligotshwe nguPuleng Marema, lahlangana nonyawo lukaMatuludi labhajwa ezintanjeni, waphela umcimbi.
Usuthu luzobuyela ensimini ngomunye umdlalo onzima wasekhaya neKaizer Chiefs ngoSepthemba 25, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.