Nigeria (0) 1
Bafana Bafana (0) 1
KUBHEDE ekugcineni kwiBafana Bafana ikhala ngaphnsi ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) izolo ebusuku e-Peace Stadium of Bouake, e-Ivory Coast.
Igoli lokuqala lomdlalo kube yiphenathi ethathwe ukaputeni weNigeria, uWiliam Troost-Ekong, esiwombeni sesibili.
Nelesibili kube yiphenathi kaTebogo Mokoena oyinamathisele enethini ngomzuzu ka-90 kulo mdlalo iBafana ewuqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaGrant Kekana, esiwombeni sesibili sesikhathi esengeziwe..
OTerem Moffi, Kenneth Omerou, Ekong noKelechi Ihenacho, bonke bawavalele phakathi amaphenathi abo wakha amabhilidi ngeyakhe, u-Ola Aina.
KwiBafana uMokoena, Makgopa abahlulile amaphenathi kwathi oMihlali Mayambela noMothobi Mvala bawabeka phakathi.
Bekungokokuqala ukuthi iBafana idlale kowandulela owamanqamu we-Afcon eminyakeni engu-24 kwazise igcine ukuba kuleli zinga ngo-2000 lapho ikhishwe khona iNigeria ngo 2-0.
Kucace ngemizuzu yokuqala ukuthi iNigeria ihlele ukuligcina kuyona ibhola okufakazelwa ukuthi iyona ebifika kulandelana ezintini zikaRonwen Williams emizuzwini yokuqala engu-20.
Kube sengathi iyafudumala iBafana seziyela emzuzwini ka-30, kwazise noThemba Zwane ubeseqala ukunyakaza maphakathi nenkundla.
Bese kuvela namathuba amahle ko-Evidence Makgopa noPercy Tau, bobabili abathole amathuba amahle okubeka iBafana ebuhleni seziyela ekusongweni kwesiwombe sokuqala.
Isiqale ngamandla isiwombe sesibili iNigeria iqhamuka ngakuzona zombili izimpondo.
Lokhu bekuyishiya izacile emuva kodwa unozinti wayo, uStanley Nwabali, ubesheshe awufunde umqondo weBafana wamabhola amade ebicinga ngawo ijubane likaTau.
Seziyela ehoreni kudlaliwe, iNigeria ibisiqala ikhombisa ngamandla ukuthi iyalifuna igoli okufakazelwa ukuthi umdlalo ubugxile engxenyeni enkulu yeBafana.
Lokhu kulandelwe ukuthi iNigeria ithole iphenathi edaleke, kuMvala, odlalise kabi, uVictor Osimhen, wayibeka enethini uTroost-Ekong ngongozuzu ka-67.
Ngokubona ukuthi kuyonakala, uHugo Broos, opheka iBafana ukhiphe uZwane noSiyanda Xulu ezindaweni zabo wafaka oZakhele Lepasa noMayambela.
Uyilamulele kukubi iBafana uWilliams ezama ukuyingcwaba, u-Ademola Lookman, kodwa lokhu kulandelwe igoli elingazange livunywe lika-Osimhen.
Esikhundleni salokhu, iBafana ithole iphenathi kudlaliswa kabi uTau. Le phenathi ithathwe uMokoena wabuyisa ithemba eNingizimu Afrika ngokuyibeka enethini.
IBafana ithole amathuba angaphezulu kwamabili okuqeda emizuzwini engu-90 kodwa yahluleka okwenze umdlalo waya kwi-extra time.
Bezithengana esiwombeni sokuqala se-extra time lingekho elifuna ukucacisa ngezinhloso zalo kwaze kwaba siyaphela.
Kukhishwe uKekana ngekhadi elibomvu kwesesibili, kodwa uBroos washeshe wavala ngoNkosinathi Sibisi, ongene endaweni kaLepasa obesanda kungena. IBafana igcine ikwazile ukubambelela kwaze kwayiwa emaphenathini.