KUNGENZEKA sivalwe nguManqoba Mngqithi isikhala sikaMabhuti Khenyeza okuvela ukuthi ulaxaze umsebenzi kwiLamontville Golden Arrows.
UKhenyeza, oqale isizini kuBafana Bes’thende, ubesizana noMusa Bilankulu noKagiso Dikgacoi ojoyine iqembu ezinyangeni ezedlule. Nakuba singacaci isizathu esiholele ekwesuleni kukaKhenyeza kodwa kuvela ukuthi wagcina ukuzihlanganisa naBafana Bes’thende emuva kokwehlula iCape Town City ngo 2-1 ekhaya emasontweni amabili adlule.
“Ushiyile uMabhuti kwi-Arrows futhi sekuphele amasonto amabili ehambile. Akayi ngisho ejimini. Bekuzocaca ngempelasonto edlule ukuthi uhambile kodwa ngenhlanhla i-Arrows ayidlalanga kwazise umdlalo uhlehlisiwe,” kusho umthombo.
Ukushiya kukaKhenyeza kungenzeka kuvulele isikhala uMngqithi ohlukane neMamelodi Sundowns ngoLwesibili. UMngqithi unomlando omuhle ne-Arrows kwazise wayiwinisa indebe yeMTN8 ngo-2009. Leso yisona kuphela isicoco esisekhabetheni le-Arrows kwezidlalelwa kwiBetway Premiership. Phambilini, kuvele kaningi ukuthi uMngqithi usefuna ukubuyela KwaZulu-Natal emuva kweminyaka eyibambe eGauteng. Bekunezinkulumo zokuthi uzobuyela kuMaZulu kodwa lokho kugcine kushabalele.
UComfort Thusi okhulumela i-Arrows wenqabile ukuqinisekisa eyokwesula kukaKhenyenza, wathi bazokhipha isitatimende uma kufanele.
“Baningi abezindaba abangithintayo ngalokhu. Thina lapha kwi-Arrows sikhipha isitatimende uma kukhona esifuna ukukucacisa. Sizokwenza lokho uma sibona kufanele,” kusho uThusi.