UKUNQOBA kweBanyana Banyana ngo 3-2 ithela phansi i-Italy kowokugcina kaGroup G eNdebeni yoMhlaba, akuyisizanga kuphela ekutheni iqophe umlando ngokudlulela kweyomkhumulajezi okokuqala kulo mqhudelwano kodwa kwenze nomehluko omkhulu emalini esizohlonyulwa ngabadlali baleli qembu lesizwe.
Ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, yaqinisekisa ukuthi kunemali esesikhwameni esikhethekile ezosetshenziswa ukuholela abadlali bawo wonke amazwe ababambe iqhaza kulo mqhudelwano.
Njengoba izwe nezwe linesikwati sabadlali abangu-23, iFifa yasayina ukuthi bonke bazothola isamba esingu-30 000 USD, elinganiselwa ku-R550 000, umdlali ngamunye, ngokudlala esigabeni samaqoqo.
Le mali iya ngokuya inyuka uma iqembu lidlulela phambili kulo mqhudelwano.
Ukungena kweBanyana kwi-Last 16 kusho ukuthi umdlali ngamunye useno-60 000 USD (R1.1 million) ephaketheni ozophuma ngqo kwiFifa.
Uma elakuleli linganqoba iNetherlands ngeSonto lingene kuma-quarterfinal, le mali izonyuka ibe u-90 000 USD (R1.6 million).
Abadlali beqembu elizoqeda endaweni yesine bazothola u-165 000 USD (R3.03 million) ngamunye, abazolala isithathu bathole u-180 000 USD (R3.31 million).
Iqembu elizoguqa kowamanqamu lizoduduzwa wukuthola u-195 000 USD (R3.58 million) umdlali ngamunye bese ompetha behlomula u-270 000 USD (R4.9 million) umdlali ngamunye.
Ngaphandle kwale mali ezoqhamuka kwiFifa, kuke kwaba nezinxushunxushu ngaphambi kokuthi iqembu lakuleli lilibangise eNdebeni yoMhlaba ngenxa yokungavumelani nenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, ngamabhonasi azoqhamuka kuyona.
ISafa ikhale ngokuthi kayinayo imali yokwengeza esibonelelweni seFifa, kwaze kwangenelela inhlangano iMotsepe Foundation nenkampani elawula i-lotto, Ithuba, abafake izandla emigodleni yabo. Kugcine kumenyezelwe ukuthi umdlali ngamunye uzothola u-R230 000 waleyo mali.
Ngesikhathi kumenyezelwa lesi sivumelwano neSafa, kwavela ukuthi nabanye abasebenza kuleli qembu, njengabaqeqeshi, abahlaziyi, odokotela nabanye, bazothola R115 000 ngamunye.
Nokho iSafa yaphinde yakhipha isitatimende ichaza ukuthi ayikaze izibophezele ukukhokha amabhonasi abasebenzi futhi ngeke ikwenze lokho.
Akukacaci ukuthi lokho kwasithinta kanjani isivumelwano sabo nabadlali njengoba base bevele beseNew Zealand ngesikhathi iSafa ishaya ungqimphothwe ngamabhonasi abasebenzi.