Imiphumela yemidlalo yokuqala yamaqoqo yezithenjwa ze-Africa Cup of Nations (Afcon), iNigeria, Egypt neGhana idweba isithombe sokuthi kungenzeka kube umqhudelwano wezimbedumehlwana.
I-Afcon eqale ngegiya eliphezulu ngoMgqibelo kwelase-Ivory Coast.
I-Equatorial Guinea, Mozambique neCape Verde abuye nemiphumela okufanele wukuthi iningi labalandeli belingayilendele, kwazise la maqembu abedlala nalawo, avamise ukuthishwa njengasethubeni lokunqoba lo mqhudelwano.
INigeria iphoxwe yi-Equatorial Guinea ngokuyibamba ngo 1-1 koka-Group A, olandelwe ukuthi iMozambique idedele ekugcineni i-Egypt ukuthi bacazelane ngamaphuzu (2-2), ngaphambi kwembedumehlwana yeCape Verde eguqise iGhana ngo 2-1.
Emdlalweni weNigeria, inkundla ivulwe u-Ivan Slavador, ngaphambi kokuthi umdlali ovelele weSeria A wangesizini edlule, uVictor Osimhen, alamulele amaSuper Eagles ngelokulinganisa.
“Ngokwami bekufanele siwunqobe lo mdlalo ngoba besingcono kune-Equatorial Guinea, ithina esakhe amathuba amaningi nangcono kodwa saphikwa yinhlanhla,” kusho umqeqeshi wamaSuper Eagles, uJose Peseiro kwiSuperSport.com. UPeseiro uthembise ukuthi uzobalolisisa kolandelayo abagadli bakhe.
Nakowesibili wosuku umdlalo (ngeSonto), kwenzeke okufanayo lapho i-Egypt engamanye amazwe abhekwe ukuba ahambe ibanga elide kwazise ishaywe kowamanqamu kwi-Afcon edlule, edinge khona iphenathi eyithole ngesikhathi esengezwe unondweba ukuze ilinganise.
Kulo mdlalo ka-Group B, inkundla ibivulwe uMostafa Mohamed, kanti basazobuya oWiti Quembo noClesio Baugue, babeke iMozambique phambili.
Emuva komdlalo, uRui Vitoria oqeqesha i-Egypt uvumile ukuthi bebebhekene neqembu elinzima kwiMozambique.
“Isinike izinkinga eziningi iMozambique kusukela ekuhlaleni kwayo emuva kuya endleleni ebilisebenzisa kahle ngayo ibhola ikakhulukazi maphakathi nenkundla.
“Ngithemba ukuthi kuzohluka uma sesibhekene neGhana kozayo ngoba siyobhekana neqembu elinaso sonke isipiliyoni,” kusho lo mqeqeshi odabuka kwelasePortugal.
Umphumela oshiye cishe lonke izwekazi linkemile uvele emdlalweni kaGroup B, lapho iGhana ikhale ngaphansi ngo 2-1 kwiCape Verde, eStade Feelix Houphouet-Boigny.
Kulo mdlalo iCape Verde izikhombise zisuka izinhloso zayo ngokuhamba phambili ngegoli elishaywe, uJamiro Monterio.
Nokho iGhana yenze obekulindelekile kuyona ngesikhathi ilinganisa ngekhanda lika-Alexander Djuku, ngaphambi kokulala ubuthongo obunike uRodrigues ithuba lokugoduka nawo egcwele amaphuzu kwiCape Verde.
Ekhuluma emuva komdlalo umqeqeshi weGhana, uChris Houghton, ucashunwe iSuperSport.com ethi: “Singenelwe amagoli amabili amabi. ICape Verde iqale kangcono kunathi kodwa sikhulile emdlalweni ngokuhamba kwesikhathi.
“Asizange sidikibale ngesikhathi i-VAR iphika igoli lethu, sagcina silitholile elokulinganisa esiwombeni sesibili.
“Angicabangi ukuthi kukhona izimbangi okumele sizibukele phansi ngoba awekho amaqembu esiwathatha njengabuthaka.”