UMQEQESHI weSenegal, u-Aliou Cisse, uthi iqembu lakhe likulungele ukubhekana ne-Ecuador emdlalweni ozocacisa okuningi kuGroup A ozodlalelwa eKhalifa International Stadium namuhla ntambama ngo-5.
ILions of Teranga iwuqale kabi lo mqhudelwano iguqiswa yiNetherlands ngo 2-0 kodwa yalibuyisa ithemba lokudlulela kwi-Last 16 ngokunqoba osokhaya, iQatar, ngo 3-1 emdlalweni wayo wesibili ngempelasonto edlule.
Lo mphumela ubabeke endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu amathathu, ngemuva kweNetherlands ne-Ecuador, abanamaphuzu amane iqembu ngalinye. I-Ecuador ishaye iQatar ngo 2-0 emdlalweni wokuqala, yabambana ngo 1-1 namaDutch kowesibili.
“Izinhloso zethu zicacile, kufanele sinqobe noma sigoduke,” kusho uCisse ecashunwa yi-AFP Agency.
“Siyizwe elithanda ukunqoba, elingakwamukeli ukuhlulwa. Selokhu saqala ukuhola iqembu eminyakeni eyisikhombisa edlule sesike sabhekana nemidlalo yalolu hlobo. Ingcindezi yalolu hlobo siyijwayele.
"Sikubonile okwenziwe yiMorocco ibhekene neBelgium futhi siyayihalalisela ngokunqoba kwayo. Inhloso yethu wukusebenzisa lokho ukuthi kusikhuthaze ngoba sidinga ukunqoba."
IMorocco ithele phansi iBelgium ngo 2-0 kuGroup F ngeSonto, yazibeka ethubeni elihle lokudlulela kwiLast 16.
INetherlands idinga iphuzu ukuze iqinisekise ukuthi izoba ngelinye lamaqembu amabili azongena kweyomkhumulajezi eqhamuka kuGroup A. Leli qembu lizobhekana neQatar e-Al Bayt Stadium ngo-5 ntambama.
IQatar izobe idlalela ukubuyisa isithunzi ngemuva kokuhluleka ukucosha amaphuzu emidlalweni emibili edlule. Ayisenalo ithuba lokudlulela phambili noma ingawunqoba lo mdlalo.
Isimo simanzonzo kakhulu kuGroup B lapho womane amaqembu esengakwazi ukungena kwiLast 16.
I-England iqhwakele ngamaphuzu amane, ilandelwa yi-Iran ngamaphuzu amathathu, i-United States of America (USA) inamabili neWales nelilodwa.
I-Iran izobhekana ne-USA kowokugcina wamaqoqo e-Al Thumama Stadium namuhla ngo-9 ebusuku, iWales izoqhuthana ne-England e-Ahmed bi Ali Stadium ngesikhathi esifanayo.
I-Wales ne-USA badinga ukunqoba imidlalo yabo ukuze badlule kanti i-England ne-Iran bangaqhubekela phambili uma bethola iphuzu ngamunye.