UNENGCINDEZI yokuqeda ishobolo leminyaka umqeqeshi we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uJoseph Makhanya, obuyisele leli qembu esicongweni se-log.
IPirates iqhwakele kwi-log yeDiski ngempelasonto edlule emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns eTsakane Stadium, eGoli. Inamaphuzu angu-29 emuva kwemidlalo engu-13.
EZimnyama ziphambili ngephuzu kwiStellenbosch engompetha bangesizini ka-2021/2022. Ukuhlala kwePirates esicongweni se-log kubuyise ingcindezi kuMakhanya kwazise iPirates isihlale kaningi esicongweni se-log kumasizini adlule kodwa igcine ingayiwinanga iligi. Lokhu sekwenzeke amasizini amathathu elandelana. Ngesizini ka-2021/2022 isaqeqeshwa nguMandla Qhogi, yehluleke ekugcineni kwagcina kugiye iStellenbosch.
Isizini edlule iphethe ngezinyembezi emuva kokufaka umfutho kodwa iligi yagcina idliwe yiSuperSport United sekuqeqesha yena uMakhanya. EZimnyama azikaze ziyiwine iligi yeDiski selokhu yasungulwa ngo-2014.
Namhlanje ngo-3 ntambama, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, iPirates izodlala okokuqala isihlezi esicongweni se-log. Izogadulisana neLamontville Golden Arrows emdlalweni wesibili wosuku. Ingcindezi ekuMakhanya eyokuvula igebe lamaphuzu ukuze ezobeka eZimnyama ethubeni lokuqeda ishobolo lokwehliswa emthini ekugcineni emuva kwesikhathi eside zizihola phambili kwi-log.
Ngaphambi komdlalo wePirates ne-Arrows, kuzongena iPolokwane City naMaZulu ngo-1 emini. NgeSonto kuzodudulana iRoyal AM neCape Town City ngo-1 emini. Emuva kwalokho kuzongena iKaizer Chiefs neTS Galaxy ngo-3 ntambama.
Amathikithi emidlalo yakusasa neyangeSonto azotholakala eSugar Ray Xulu namuhla kusukela ngo-1 kuya ku-5 ntambama.
Ngaphandle kokuzokwenzeka enkundleni, abalandeli bazothola ithuba lokuwina imiklomelo engama-voucher okuthenga umfaniswano wesikole yesamba sikaR1500 emidlalweni edlalwa yimindeni ngesikhathi sekhefu kuyona yonke imidlalo. Kukhona nemithobanhliziyo yamahempa esamba sika-R300.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Namhlanje - Ngo-10am: Chippa United v Richards Bay (Wolfson Stadium); Mamelodi Sundowns v Stellenbosch (Lucas Moripe Stadium); Sekhukhune United v Cape Town Spurs (Isak Steyl Stadium).
Ngo-12pm: Moroka Swallows v SuperSport United (Dobsonville Stadium).
Ngo-1pm: Polokwane City v AmaZulu (Sugar Ray Xulu Stadium).
Ngo-3pm: Golden Arrows v Orlando Pirates (Sugar Ray Xulu).
Kusasa- Ngo-1pm: Royal AM v Cape Town City (Sugar Ray Xulu Stadium).
Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v TS Galaxy (Sugar Ray Xulu Stadium).